KUNGAKAPHOLI maseko eqashwe yiGagasi FM muva nje, usethole omunye umsebenzi uPenny Ntuli.
KUNGAKAPHOLI maseko eqashwe yiGagasi FM muva nje, usethole omunye umsebenzi uPenny Ntuli.
UPenny odalule ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kunomunye umsebenzi asewutholile ngaphandle kweTheku, ukuqinisekisile ukuthi uzoncelisa amawele ngoba akawushiyile umsakazo, iGagasi FM.
Uthe ukuba nabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana, kumvulele amathuba.
“ Sengiqashwe yindawo yobumnandi ebizwa ngokuthi Ogabazini Lounge, eMthwalume. Ngiqashelwe ukwenza iPR and Marketing yakhona. Kumanje ngihlela ukuletha umculi odumile wamaPiano kuyole ndawo (kanti) ngizolimemezela igama lakhe uma sesivumelene. Ngeke ngilishiye iGagasi FM, kusekhaya kulona. Ngizowenza wonke lo msebenzi ngokwethembeka,” kusho uPenny Ntuli.
Le ntokazi ishayela uhlelo lwangoMgqibelo kusuka ngo-1 kuya ku-4 entathakusa kwiGagasi FM. Yize isanda kuqala iseke yabanjiswa nohlelo lomunye wabasakazi besiteshi.
Ngeledlule ube sematheni ngokunameka isithombe sakhe ezinkundleni zokuxhumana, egqoke ibhulukwe eliveza ubukhulu bobuntu bakhe, okwenze kwanezinkulumo. Lesi sithombe besihambisana nombhalo othi: Nginaso and sikhulu....isiphongo. Ngisho esebuzwa uthe ubeqonde ubukhulu besiphongo sakhe futhi sewazifundisa ukusithanda ngoba ukhule egconwa ngaso.