UBONGA abalandeli bakhe ngokuqhubeka athuthukise igama lakhe endimeni yobumnandi uThemba Mabaso, ozakhele igama ebonakala okokuqala ohlelweni, iBig Brother Mzansi.
NgoFebhuwari 3, kuMzansi Magic (161), kuzoqala uhlelo oluzokhombisa ngempilo yale nsizwa, edume kakhulu ngelikaThemba Broly, oluthi Themba: My Inked World.
Ekhuluma ngalolu hlelo uThemba, uthe luzoveza izinto ezihlukene ngempilo yakhe kusuka engakangeni kuBig Brother Mzansi njengoba ayenebhizinisi lokudweba ama-tattoo.
“Ibhizinisi lami lasha langqongqa ngaphambi kokuthi ngibonakale kwiBig Brother. Manje ngizoveza ukuthi ngiliqale kanjani phansi njengoba liyimpilo yami. Ngalolu hlelo ngizokhombisa abalandeli bami impilo yami njengoba ngikholelwa ekutheni yibona abangibeke la ngikhona. Bangikhuthaze kakhulu ngiphuma kulolu hlelo ngagcina ngingene emculweni futhi ngathola imisebenzi ezinkampanini ezehlukene,” kusho uThemba.
Uthe kulolu hlelo okunye okuzogqama wumndeni wakhe, umama wezingane zakhe, uNqobile, nempilo ayiphila nesithandwa sakhe ahlangane naso kwiBig Brother, uMphowabadimo.
“Lolu hlelo luzokhombisa iziqephu eziyishumi kuphela engingangabazi ukuthi zizoshiya abantu bengazi kangcono kakhulu kunalokhu akade bengazi ngakho. Ibhizinisi lami manje limile futhi ngizoqhubeka nokuzikhandla endimeni yomculo njengoba abantu abafana noDJ Tira bezobonakala ohlelweni,” kusho uThemba.
UShirley Adonisi wakwaM-Net uveze ukuthi impumelelo yohlelo, iBig Brother Mzansi, iyona ezale lolu hlelo njengoba uThemba ebe ngomunye wabantu abathandwe kakhulu bebonakala kulo.
Uthe bajabule ukuba sohambweni olufana nalolu noThemba njengoba bekhuthazeka uma bebona intsha abasebenze nayo kusuka ifika kulo mkhakha ikhula kubona.