UMCULI we-Afro pop, uSphelele "Indoni Yamashenge" Buthelezi, unqobe indondo yeBest Afro Song kuma-5th Mzansi Arts and Media Awards abeseVictory Theatre, eGoli muva nje.
Le ntokazi yaseNtambanana eMpangeni ithe yagqugquzelwa wuZain weClub Culture ukuba ingenele lo mqhudelwano futhi beyiqhathwe nabaculi bakwezinye izifundazwe. “Okunye okungijabulise kakhulu ukuthi ngibuye nganikezwa ithuba lokunandisa bukhoma kulo mcimbi. Ngibonga kakhulu emndenini wami, abantu bangakithi eNtambanana nabangani bami. Ngingakhohlwa kanjani wumsakazo wangasekhaya i-Icora FM kanye nebandla engikhonza kulo iDivine Healing Ministry kaMfu Stanley Shongwe.”
Lo mculi uthe manje usebheke ukungenela imincintiswano emikhulu enjengeMetro FM Music Awards, South African Music Awards namaSatma Awards.
Kulo munxa, Indoni Yamashenge (36), iqumbe phansi uSedihluderfly, The Soul Doctor K, Nsomfa Man SA, Noside De Poet, Mzi SA, Kid Em, Pempe, Mgani Da Vocally, The Zulu Kid, Linamandla, #Mo, Oliver Oly, Ntokzen SA, Nickane CJA, Gabhadiya SA, Queen Yamangwe, Camagu SA, Ciar Diko nabanye.
Yize Indoni Yamashenge iqale ukucula isafunda enkulisa yangakubo futhi idume ngeculo elalithi We Are Together, We Are Family kodwa iqale ukuqopha umculo wayo ekuqaleni kwalo nyaka.
"Ngiqale ngomucu obuthi Lobola ngoJanuwari 22. Ngibe sengenza umucu wesibili othi Msheli Wami ngesikhathi ngimenywa kwiSA Podcast Festival. Basuke bathi kudingeka ngibe nezingoma ezimbili. Ngabe sengiqopha eyesibili ngoMeyi 8." Lo mculi uthe nakubo bekuba nguye obeqamba izingoma uma kuhlangene umndeni.
Uthe uqale wacula izingoma zabantu kodwa wagcina esekwazi ukuziqambela ezakhe.
Indoni Yamashenge ithe iphothule uGrade 12 eMgazini High ngaphambi kokuyofundela omunye umsebenzi eRichtek TVET College.