AKAKHOLWA ukuthi ngesonto elizayo uzobe elishiya elakuleli eya phesheya kwezilwandle uNqobani Zuke (29) waseStanger njengoba eyoba ingxenye yabalingisi balo mdlalo wasesiteji owenzelwa eDisneyland, ezweni laseHong Kong.
UNqobani ungelinye lamaciko asafufusa akade eqeqeshwa yisikhungo Ikabawo Perfoming Art Academy esiseThekwini.
Ekhuluma neSolezwe ungene kulo mkhakha wokuba iciko njengomculi kodwa uthe esekhula wangena ekulingiseni.
“Ngaqala ukucula ngisesesikoleni nokwathi uma ngiqeda ngase ngiya enyuvesi, ngathola umsebenzi ngasebenza. Kodwa kukhona into eyayilokhu ihlala ingibelesela ukuthi angiqedile.
“Ngaqala ngahambela inhlolokhono ezindaweni ezahlukene, ngagcina ngithathwe ekhwayeni eThekwini Gospel Choir. Ngemuva kwalokho ngabheka isikole la ngangifunda khona kabanzi ngomculo nokulingisa. Ngonyaka odlule ngibe sengizwa ngethuba labafuna ukulingisa kuLion King ngempela ngaya eGoli, bangisayinisa enye yezinkontileka ngalelo langa,” kusho uNqobani.
Uthe ukuba yingxenye yalo mdlalo kuye kuzomsiza ngokufezekisa amaphupho akhe njengoba kusekuningi afuna ukukwenza.
“Ekugcineni ngizokwazi ukuzimela uma kuziwa kwezezimali. Ukuhamba iminyaka emibili kwami la ngihleli eHong Kong, kuzongenza ngiqoqe imali bese uma ngibuya ngikwazi ukufezekisa amaphupho ami.
“Ngisho ekhaya yize babengayiboni kahle indaba yokugxila emculweni nasekulingiseni kodwa imali engayenza ngesikhangiso sakwaVodacom, babona ukuthi sizokwazi ukuphila. Manje bangifisela konke okuhle njengoba ngihamba,” kuchaza yena.
Uthe uyafisa ukuthi intsha ibukele kubona asebewafezekisile amaphupho abo njengoba umkhakha wokuba iciko ukwazi ukondla imindeni, bangawuthathi kancane.
Uveze ukuthi azokukhumbula kakhulu ukudla kwakuleli kanye nomndeni wakhe.
USabelo Ngema oyisikhulu sesikhungo Ikabawo, uveze ukuthi bayajabula uma sekuphuma intsha iye kwamanye amazwe iyosebenza isuka ngaphansi kwesandla sabo.
Uthe lesi sikhungo bafisa ngaso ukushintsha izimpilo zabaningi.
“Esikucela nakakhulu ukuthi sithole uxhaso njengoba konke esisakwenza kusuka emaphaketheni ethu,” kuchaza uSabelo.