UNETHEMBA lokuthi kuzoba nesifundo ngesifo sokuwa nesizogqama kwifilimu ayiqophile uSamukele Khumalo-Dludla okuzothi ngoJuni alibhekise edolobheni laseLos Angels eMelika emcimbini wezindondo i-Africa USA International Film Festival.
Kulo mcimbi uSamukele uqokwe emkhakheni we-Best Feature Film, Best Music Score ne-Best Woman in Film ngefilimu yakhe ethi Zipped.
Kule filimu eqoshelwe ezindaweni ezahlukene KwaNongoma kuyo kukhona osaziwayo okukhona kubo uFelix Hlophe, Tha Simelane nabanye abalingisi abangu-110.
Kuphinde kube khona nabanye abalingisi abayisishiyagalombili abaphila nokukhubazeka.
Ekhuluma ngale filimu uSamukele, uveze ukuthi usebenze kahle nawo wonke umuntu ngokuzimisela njengoba ukuba wumbhali nomqophi wamafilimu kuyinto angayifundelanga.
“Wonke umuntu ubelalela lokhu atshelwa khona futhi kwenze umsebenzi waba lula kakhulu. Ngiyabonga kuwona wonke umuntu engisebenze naye njengoba abanye bebeze bafake isandla la kudingeka khoba yize kungewona umsebenzi wabo ukuze sikwazi ukuqopha siqede.
“Besisebenza kakhulu ngezimpelasonto ngisho sekushone ilanga ngoba besizimisele ukuqeda lokhu esesikuqalile. Okwangijabulisa ngale filimu, yingesikhathi sesenza umculo wefilimu nokwaba wumzuzu engawujabulela kakhulu. Ngiyathanda ukwenza into ehlukile, ngakho konke ngale filimu kuhlukile,” kuchaza yena.
Uthe umsuka wale filimu waqala ngesimo udadewabo aphila ngaso njengoba enesifo sokuwa.
“Le filimu ethatha ihora nemizuzu engu-30 uma ikhonjiswa ikhuluma ngowesifazane wasemakhaya oqalwa yisifo esingajwayelekile kodwa okuyisifo sokuwa. Ukuqalwa yilesi sifo kwenza iphupho lakhe lokuqeda isikole lifiphale njengoba esenezingqinamba zempilo. Ngakho ukubona udadewethu ebhekana nezinkinga zokungakhulumi kahle aze aphinde u-matric kungenze ngabona ukuthi kukhona isifundo engingasidlulisa ngento engiyibone eduzane emndenini wami,” kuchaza yena.
Uthe udadewabo ube yisibonelo kuye njengoba ebeqhubeka nempilo efuna ikusasa eliqhakazile yize egula.
“Waphinda u-matric izikhawu ezingu-9. Abantu base bemzwela kodwa ngendlela ayezimisele ngayo waqeda. Wabe esengicela ukuthi ngibhale incwadi ngaye. Ngamtshela ukuthi okungcono asenze into ezobonwa umhlaba wonke,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi kule filimu okunye okuzogqama yizindaba ezenzeka ngempela emiphakathini yasemakhaya okukhona kuzo ezithinta abesifazane, izingane nabantu abakhubazekile.
Le filimu uthe izokhonjiswa kuleli ngasekupheleni kwalo nyaka nezohambisana ne-albhamu yomculo ozwakala kuyo.