OWESIFAZANE owagwaza wabulala isoka lakhe elalingumrepha, uNkululeko “Flabba” Habedi, uthe usezinhlelweni zokwenza iqophamlando lapho ezogonyuluka ngakho konke okwenzeka.
USindisiwe Manqele wagwetshwa iminyaka engu-12 ejele ngo-2016, ukhishwe ngoshwele ngoMeyi 24 nonyaka, ngemuva kokudonsa iminyaka eyisithupha.
UFlabba, owayeyilungu leqembu iSkwatta Camp, washona ngo-2015 ngemuva kokugwazwa nguSindisiwe ekubo e-Alexandra, eGoli.
Ekhuluma kwiPodcast & Chill kwiYouTube, uSindisiwe uthe yize okuningi ezokukhuluma kwiqophamlando alihlanganisayo kodwa baxabana noFlabba ngobusuku besigameko. Iqophamlando uthe akazi lizophuma nini futhi kuphi njengoba ezolenza bese elidayisela iziteshi.
Uthe bahamba baya ephathini yize ayengafuni ngoba wayezimisele ngokuchitha isikhathi nonina kaFlabba.
“Sasidakiwe imimoya iphezulu. Sasiphumile futhi sadakwa. Kwakunesikhwele lapha nalapha ngakuye. Uyayazi le mpi yokudakwa,” kusho uSindisiwe.
Uthe kwakunamagama alumelayo ayewasho uFlabba kuye nokwenza isimo saba muncu. Uthe wazikhiyela endlini, uFlabba wavula ngommese nokwagcina ngokuthi amhlule ngamandla ummese wabuyela ngakuye.
“Ngangingazi ukuthi ulimele. Mina ngangimphusha. Nganginommese esandleni ngimphusha ukuze asuke kimi. Wangena nommese ezama ukungena endlini hhayi ukuthi wayefuna ukungigwaza,” kuchaza uSindisiwe.
Uthe wabiza abafowabo ukuthi bazomsiza futhi ukholwa wukuthi ukube bashesha abezimo eziphuthumayo, athe bathatha amahora angaphezu kwamabili ukuthi bafike, ngabe bakwazi ukumhlenga.
“Sakhuluma ngaphambi kokuthi afe ngemuva kokumgwaza,” kusho yena.
Uqhube wathi ukube akayanga ephathini ngabe akwenzekanga lokhu ngoba babezobe bengaphuzile.
Uveze ukuthi waqala ukujola noFlabba eneminyaka cishe engu-17. Bajola babuye bahlukana ngemuva kokuthola ukuthi ushadelwe.
“Sahlukana ngo-2007. Ngangingazi ukuthi ushadelwe. Ngafunda ephepheni bethi uFlabba nomkakhe. Ngambuza waphika wathi akashadelwe.”
Uthe ngesikhathi sesigameko base bebuyelene futhi uFlabba wayesehlukene nomkakhe ngoba wayelungiselela ukuyomlobola.
USindiswe uveze ukuthi ufike wenza izifundo zomthetho ejele futhi uma konke kuhamba kahle uzoqeda kulo nyaka athweswe iziqu.
Imizamo yeSolezwe yokuthola uSindisiwe ukuze achaze kabanzi ngeqophamlando ayiphumelelanga.