UMCULI wowokholo, u-Andile Mbili, uthi ngeke aphinde alishiye iqembu acula kulo, Abanqobi, njengoba esethathe isinqumo sokuphinde acule yedwa.
U-Andile akaqali ukukhipha yedwa njengoba ngo-2014 ahlubuka eqenjini. Wadedela i-albhamu ethi Uyanaka uJesu. Usebenze nabanye abaculi okubalwa kubo uDJ Kotin engomeni ethi Uzongilinda ngaphambi kokuphinde abuyele eqenjini.
Kuleli sonto u-Andile uzokhipha i-Extended Play enezingoma ezintathu aseqalile ukuzicula emicimbini.
“Kwakungafanelanga kwasekuqaleni ukuthi uma ngifisa ukusebenza ngedwa ngishiye iqembu. Imithetho yeqembu yayingavumi ukuthi ngibe ngedwa. Kulokhu kodwa sikhulumile ukuthi akukuhle ukushiya kwamalungu, kunalokho awesekwe angasilahlekeli ngoba lokho kulimaza iqembu,” kusho u-Andile.
Ezingomeni ezintsha uthe usesebenza nozakwabo emculweni, uBabo Ngcobo. UBabo unenkampani, Ikhwelo Business. Uthe nguyena ocele uBabo ukuthi ambhalele izingoma ngoba azi igalelo lakhe emculweni.
Uqhube wathi uke wasebenza naye phambilini ngesikhathi uBabo empike ezingomeni zakhe.
“Nami ngifisa ukukhula ngiye kwelinye izinga. Ngibone uBabo engangisiza. Ziningi izinkampani ezikhona ezinazo zonke izinsiza kodwa uthole ukuthi abaculi bakhona kabachumi. Kuqala ekutheni niyezwana yini nabantu osebenza nabo.
“Mina anginandaba nokuphathwa ngomunye umculi. Ngiyamazi ungumuntu onjani. Akanamona futhi uyafisa ukubona abanye bephakama nganakho. Abanye bebezobuka u-Andile njengomuntu ongenamsebenzi walutho oseke wazama wahluleka. Bebezokubuka njengokumosha isikhathi ukusebenza nami. Yena uthe asizame sibone sifika kuphi,” kuchaza u-Andile.
Uthe izingoma ngezokuzethula kabusha bese elandela nge-albhamu.
UBabo uthe ukhethe ukusebenza no-Andile ngoba ebona ithalente lakhe.
“Ngiyalithanda iphimbo lakhe. Ngikholwa wukuthi abantu badinga izwi lakhe elimtoti elinomyalezo. Ngithe angimbhalele izingoma ngikhiphe umsebenzi wakhe. Kukhona ethi Ungangikhalisi nethi Leli fu lizodlula engibona ngathi abantu bayazithakasela,” kusho uBabo.