CHARLES KHUZWAYO
UTHUKUTHELE uyaveva umphathi wenkampani yomculo, uDkt Sipho Sithole weNative Rhythms Records, emuva kokuba umzwilili we-opera, uSibongile Mngoma, emsola ngokuba yisikhohlakali esiyisehluleki.
USithole uze wafaka uSibongile kubammeli abamnqumele ukuba ahoxise le nkulumo futhi axolise zingakapheli izinsuku ezintathu. Indaba yasuswa ukuncoma kukaSithole ubuholi bukaNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli, uMnuz Nathi Mthethwa onyamanambana kwamanye amaciko. USithole wayinyathela emsileni ngokuthi athi zingamampunge izinsolo zokuthi uMthethwa nomnyango wabo akubonakali ukuzibophezela kwabo ekuvikeleni nasekukhuliseni imboni yezobuciko. Le nkulumo kaSithole ayehlanga kahle kwamanye amaciko anjengoSibongile noBrian Ntombela.
USibongile waphendula ngokuthi uSithole ungumuntu wokugcina ukukhulumela imboni yezobuciko ngoba "ukungcola nokuba yisehluleki kwakhe" kuyaziwa. "Inkampani yakhe yomculo ayisenaciko eliphethe ngenxa yokuthi uhlale iwenzela phansi. Ngikhuluma nje alikho iciko eliholile. Amaciko athwele kanzima ekubeni uSithole enza sengathi konke kuhamba kahle," kwakuphawula uSibongile kwelinye lamaphephandaba. Isolezwe NgoMgqibelo lizibonele ngawalo incwadi ethunyelelwe uSibongile ngabammeli bakaSithole iVan Zyl Ebrahim Cook Attorneys Incorporated. Bathe inkulumo kaSibongile yehlisa uSithole isithunzi asesakhe kule ndima iminyaka. Babe sebemnqumela ugwayi katiki ukuthi uma engawahoxisi lamazwi futhi engaxolisi, bazoyalela uSithole ukuba amfake enkantolo ukuze amnxephezele. Babuye bacela uSibongile ukuba alethe ubufakazi ngalezi zinsolo. Ebuzwa Isolezwe NgoMgqibelo ukuthi uthini ngezimfuno zabammeli bakaSithole, uSibongile uthe akudikizi ngisho inqulu.
"Ngeke ngivalwe umlomo. Akaphikisanga lutho engalusho. Ufuna kuxoliswe esidlangalaleni," kushaya ngezinqamulelayo uSibongile. USithole uyaziwa kakhulu ngokuvumbulula ikhono likaZuluboy, Zakwe, The Soil noSiphokazi.