LUVUTHA amalangabi uthando phakathi komculi wama-piano nomlingisi oyintandokazi yabaningi ababebuka umdlalo wethelevishini osuwaphela, Isibaya.
UDudu Ngwenya, abalandeli bakhe abamazi ngoLady Du, beno-Andile Mxhakaza owayedlala indawo kaFezile emdlalweni owawukhonjiswa kuMzansi Magic bathembisana umshado ngonyaka odlule. Kodwa baze banquma ukuthi bamemezele ngothando lwabo kulo nyaka.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto, uLady Du, ongowokuzalwa eVosloorus, uthe sebenesikhathi bengabangani no-Andile kodwa uthando lwabo luqale ngonyaka odlule.
“U-Andile ufike empilweni yami ngikade ngidlula ebunzimeni obuthile. Kwaba nguyena umuntu ongigqugquzela ukuthi ngisukume ngizithathe. Lumnandi kakhulu uthando lwethu ngoba sivele siyazana futhi kasikho isidingo sokuthi ngizenze umuntu engingeyena uma nginaye ngoba wazi ukusuka nokuhlala ngami,” kusho uLady Du.
Uthe usenesikhathi angena endimeni yezikaqedisizungu. Waqala ukuklwebha amapuleti eneminyaka engu-10.
“Ngafundiswa ngubaba ukudijeya kodwa ngangingakwazi ukudlala ezindaweni zasebusuku ngenxa yokuthi ngangisemncane. Ngaze ngahamba ngayofunda phesheya, okwagcina ngokuthi ngihambele amazwe ahlukene angu-108 ngaphambi kokubuya eMzansi,” kuchaza uLady Du.
Kulezi zinsuku usematheni ngenxa yephimbo lakhe elizwakala ezingomeni eziningi zama-piano. Ubuye azwakale phambili engomeni engenisile ebumnandini, ethi Woza apikwe kuyona nguJazziQ ehambisana noKabza De Small noBoohle.
Usesebenze nabaculi abaningi bakuleli, okubalwa kubo uKhuli Chana engomeni yakhe entsha ethi Buyile, uJunior De Rocka engomeni ethi Catalia nezinye eziningi.
Echaza ngengoma ethi Catalia, uthe bambalwa abantu abaziyo ukuthi empeleni le ngoma wayibhala ekhuluma ngempilo yakhe njengoba izinhlamvu zithi Izinto zihamba ngolayini.
“Ichaza lesi simo engidlula kusona njengamanje empilweni. Zonke izinto zami zimi ngomumo. Kukhona nalapho engixwayisa khona ukuthi bangalinge bathinte indoda yami. Ngisuke ngisho u-Andile,” esho ehleka.
Uveze ukuthi maduze uzokhipha i-EP enezingoma ezingu-14 ezinemiyalezo ejulile, njengokubuyisa ukuzethemba kwabesifazane nokungacwaswa kwabantu abathandana nabobulili obufanayo.