BASUSE ukukhuluma osaziwayo bakuleli okunguKing Monada, Big Zulu noMaster KG “ngokuthenga” belandelana ubutsetse bezimoto zakwaMcLaren qede bafaka ezinkundleni zokuxhumana.
UKing Monada uvuke ngeMcLaren 570s Coupe othi uma ubheka eka-2016, ibize imali elinganiselwa ku-R2.8 million.
UBig Zulu yena ulande i-650s Spider ebiza imali elinganiselwa ku-R2.7 million uma ubheka eka-2015.
UMaster KG naye ushayela i-650s Spider eshunwe ngabakwaDarwin Pro Aerodynamics Evolution.
Laba bathenge izimoto zabo emagaraji azimele ahlukene, hhayi kwaMcLaren eGoli okanye eKapa.
Kusuka bezithengile kuningi ukukhuluma okukhona ezinkundleni zokuxhumana ngazo.
Umngani kaBig Zulu, uDJ Tira ubhale kwiFacebook ukuthi: “Thukzin awuthenge iMcLaren usimele siyiTheku, saze sasha.”
Ngesikhathi abanye bebahalalisela laba abaculi, abanye bathe basola ngathi baqashwe ukuthi bakhangise ngazo, abanye benza ihlaya.
UChris Excel ubhale ku-X, abashayeli bamaMcLaren eNingizimu Afrika neziqu zabo.
Uthe uCassper Nyovest uwagcina kwaGrade 9, uKing Monada kwaGrade 11, Big Zulu kwaGrade 7 noMaster KG kwaGrade 5.
UTwar_SA uthe: “Ngeke ngiqambe amanga, ngesikhathi uCassper Nyovest kuthiwa uthenge iMcLaren ngakholwa. Kodwa uma ngizwa ukuthi uKing Monada noBig Zulu sebewathengile, ngibonile ukuthi, hhayi iMcLaren yenza umkhankaso la.”
UWyclef Presley uthe mhlawumbe laba bangamanxusa bayameketha kodwa akasho ukuthi ngeke bakwazi ukuzithenga.
“Wukuqondana kwezinto noma yini?”
IMcLaren yinkampani yase-England ekhiqiza izimoto ezingama-supercars ezidle ngejubane.
Iphinde ibe neqembu elincintisana emijahweni iFormula One lapho abashayeli bayo kunguLando Norris no-Oscar Piastri.