UGCINE ethula ngokusemthethweni njengonkosikazi wesibili wesiqumama esingumelaphi wendabuko, uDkt Musa Zulu, uHlosiwe Mthalane owaziwa ngoDJ Hlo.
Lokhu kwenzeke ngemva komcimbi wokumamukela ngempelasonto obuwenzelwe ekhaya elikhulu likaZulu, ePinetown.
Isolezwe ngeMpelasonto ebiliyingxenye yomcimbi okungachazwanga ukuthi ngowani, lizithele kuDJ Hlo ehlezi nonkosikazi omdala kaDkt Musa Zulu, uNkk Thuli MaMgoza Zulu.
Abafunanga ukucacisa ngokubahlanganisile ngaphandle kokuthi yingoba kunomcimbi owenziwe kaZulu, yize uDJ Hlo ubengakaze abonakale uma kunemicimbi eyenziwa khona.
Leli phephandaba lithole ngomunye wabangani abakhulu bakaZulu, ukuthi bekuzokwethulwa uDJ Hlo njengonkosikazi wesibili.
“Ubezokwamukelwa ngokusemthethweni njengonkosikazi wesibili, kwahlatshwa nembuzi okuyindlela okwenziwa ngayo izinto kaZulu uma kukhona omukelwayo. Njengoba engajwayele nokubonakala ehleli nomamkhulu, ubezonikwa neziyalo ngunkosikazi omdala ukuthi kumele aziphathe kanjani njengoba egana khona,” kuchaza umthombo.
Ngelanga lomcimbi, uZulu ubetatazela kubonakala ukuthi ujabule elokhu ebuka uDJ Hlo, kuqhilika izihlathi ngenxa yenjabulo. Unkosikazi omdala MaMgoza, ubekhombisa ukungabi nankinga futhi ebonakale ekhuluma noDJ Hlo behleli ndawonye.
Ebuzwa uZulu ngomcimbi nokufika kukaDJ Hlo kuwona, akafunanga ukucacisa okuningi ngawo.
“Umcimbi womndeni ngeke ngidalule okuningi ngawo,” usho kanje uZulu.
Ebuzwa ngokufika kukaDJ Hlo kuwona njengoba engajwayele ukubonakala kweminye eke yenziwe khona, uthe yingoba umcimbi ubuthinta uDJ Hlo kodwa ngeke anabe ngamazwi ngawo.
“Engingakusho nje ukuthi uDJ Hlo ubefana nomuntu ogoyile njengoba engakwazanga nokuba yingxenye yeminye imicimbi yokunandisa ngenxa yokuthi ubelungiselela wona umcimbi wangempelasonto,” kuchaza uZulu.
Uqhube wathi into akhululekile ukukhuluma ngayo ngeyokuthi uDJ Hlo unengoma ayenze noBig Zulu, ezophuma maduze. Phela uZulu, uyimenenja yakhe emculweni.
Ebuzwa ngomcimbi unkosikazi kaZulu omdala, uMaMgoza, uthe akukho angakuchaza ngawo ngaphandle kokuthi bekubizwe umndeni noDJ Hlo. Uthe uma sidinga eminye imininingwane, ucela sithinte ubaba wekhaya uZulu.
Leli phephandaba lithole ukuthi uZulu usebathengele nemizi ngokuhlukana uDJ Hlo nonkosikazi omdala. Okankosikazi omdala useMhlanga, kanti okaDJ Hlo, useBallito. Kuthiwa sebeke babonakale bobabili njengamakhosikazi kaZulu. Emzini osePinetown, kwaPhumudelile, yikhaya elikhulu lapho kugcinwa khona imicimbi yesintu ngoba uZulu enesigodlo sakhe sokwelapha khona.