UTHUKA izanya futhi akafuni nokuphuma endlini ayoqhuba izifundo zakhe enyuvesi umculi waseThekwini, othi usatshiswa ngumuntu angamazi omfuna imali.
ULasandra uthi inkinga iqale ngesonto eledlule ngesikhathi efonelwa ngumuntu angamazi emtshela ukuthi uqhwage ikhasi lakhe le-Instagram (likaLasandra) wathi akamfakele imali ukuze alidedele.
“ Uphinde wangithumela nemiyalezo ngoWhatsApp ethi angimfakele u$120 dollars (R1 800.00) ukuze ayidedele. Ngimbuzile ukuthi ungubani wangangitshela kodwa wathi useMalaysia. Ngimtshele ukuthi anginayo imali, ngisengumfundi. Akabanga nandaba nalokho wathi i-akhawunti yami uzoyidedela uma sengimfakela. Ngempela ngithe uma ngizama ukungena kuyona ngathola ukuthi akusangeneki,” kusho uLasandra.
Uthe uze wathatha isinqumo sokuthi ayovula icala esiteshini samaphoyisa eNewlands East, kepha wafike wahlangabezana nembibizane.
“ Amaphoyisa angitshele ukuthi awazi ukuthi yiliphi icala angalivula kulesi sigameko. Angitshela nokuthi lizodinga umsebenzi omningi ngoba umuntu engimsolayo uthi useMalaysia,” usho kanje umculi.
Ngemva kokungasizakali uthe ucele omuntu amjwayele owazi ngezobuchwepheshe ukuthi amhlolele ukuthi angabanjwa kanjani umuntu oqhwage ikhasi lakhe ngoba usaqhubeka nokufuna imali.
“ Lo ongisizayo uthole ukuthi ikhasi libanjwe ngumuntu walapha eNingizimu Afrika kodwa ovela njengomuntu oseMalaysia. Nenamba ayisebenzisayo uma engithumelela imiyalezo kuWhatsApp angiyijwayele. Ngemva kokuthola ukuthi ngumuntu wakuleli, ngivele ngashaywa wuvalo. Kumanje ngisaba nokuthi ngiye esikoleni ngoba angazi ukuthi umuntu ongazi kangakanani lo owenze lento. Nasekhaya ngibatshelile ukuthi angizoya esikoleni kule nyanga ngoba ngisafuna ukubona ukuthi kwenzekani,” kulandisa uLasandra.