NGESIKHATHI umhlaba wonke uthathwe ikhono lomculi wakhe, uSho Madjozi wakuleli owayethakaselwa nawodado, yena wayedliwa iminjunju yobuhlungu benhliziyo ngokushiywa udadewabo.
NGESIKHATHI umhlaba wonke uthathwe ikhono lomculi wakhe, uSho Madjozi wakuleli owayethakaselwa nawodado, yena wayedliwa iminjunju yobuhlungu benhliziyo ngokushiywa udadewabo.
USho Madjozi ukhiphe incwadi iShoma and the Stars athe uyibhale ehlonipha udadewabo omncane owashona engozini yomgwaqo ngo-2019.
Lesi sikhathi uveza ukuthi saba nzima kakhulu empilweni yakhe yize ingoma yakhe ethi John Cena yayidla ubhedu ngisho phesheya kwezilwandle.
Odado babethathekile ngesitayela sakhe semiluko enemibala egqamile yezitayela ezazibizwa ngaye, futhi lowo kwaba unyaka omkhulu nakwabacwala izinwele.
USho uthe isinqumo sokubhalela odado incwadi ukuthi ubefuna into azohlonipha ngayo udadewabo naye owayemncane ngesikhathi edlula emhlabeni.
" Emuva kwezinsuku ezimbalwa ngishonelwe udadewethu iningi lezingane laliluka ngemibala emihle, egqamile nekhangayo. Babeqhakaze kuhle kwezinkanyezi ngesikhathi ngisebumnyameni. Ngikhumbula ngikhihla isililo ngibona lokhu. Abalandeli bami abancane bangipha amandla okuphokophelela phambili. Ngale ncwadi ngifuna ukubagqugquzela ukuthi bakuthakasele ukwehluka,"
Echaza kabanzi ngothando lwakhe lokubhala izincwadi uSho Madjozi uthe kusukela eyingane wayezifela ngakho.
" Kusukela ngineminyaka eyisikhombisa ngangibhala izinkondlo nezindatshana. Ngiyakuthanda ukuloba amagama,“
Ukhipha le ncwadi nje usanda kukhipha nengoma entsha ethi Toro kanti nencwadi yodado uthe isiyatholakala ezitolo.