KUSABALWA izinsuku esanda kwemuka nesicoco sokuba uzime wakuleli uNatasha Joubert usebingelelwe ngomdwebo oyisikhumbuzo salolu suku. UNatasha onguMiss South Africa noqokwe ngempelasonto eSunbet Arena eTime Square ubongelwe nayiciko eselizakhele igama kuleli njengomdwebi wosaziwayo uLebani Rasta Sirenje. Ngokujwayelekile uRasta zidlisa kakhulu izithombe azidwebayo uma kushone usaziwayo noma isikhulu esithile.
Muva nje useqinisa kakhulu nakubantu abasaphila ikakhulu uma kunento enkulu njengomcimbi kazime wakuleli. UNatasha ubenenhlanhla yokuba ngomunye wabantu abahlabana ngalo mdwebo. Yize kunjalo kodwa abantu banokushaya amakhala ngawo kwazise uwunobuhle. Iningi lisola sengathi ushaye eceleni nokuyizinsolo ahlala ebhekene nazo uRasta ngemidwebo yakhe nokumenza adume.
" Hhayi bakithi Rasta ubukeka emdla kakhulu lona," kusho uJohannes Mokwena.
" Hhayi bo Rasta unesiqiniseko sokuthi udwebe umuntu okuyena," kusho uRowan Connely Williams.
" Isalukazi phela lesi," kubabaza uThandah Nkosazane kababa.
" Angikakaze ngambona uNatasha kodwa lona akuyena," kusho uSbusiso Gamedze Nkosi.
" Ubani lona Rasta, akuyena kodwa ugogo wakho