UDALULA isizathu esenza washiya emsakazweni Ukhozi FM, umrepha obuye abengumlingisi uMxolisi "Zulu Boy" Majozi.
Ngesikhathi uZulu Boy ehamba oKhozini ngo-Okthoba 2016, iSABC yathi uKhozi lwamkhomba indlela ngokuqeda isivumelwano sayo naye ngokuphazima kweso ngenxa yokungaboni ngaso linye naye.
“Umsakazo wabona ingekho inqubekela phambili, ngakho wabona kungcono umdedele. Ngebhadi ngeke ngidalule imbangela eholele ekuhambeni kwakhe ngoba udaba oluphakathi komqashi nomqashwa," kusho uKaizer Kganyago, owayekhulumela inhlangano yomphakathi yezokusakaza kuleli ngalowo nyaka.
Ezinye izinsolo zaveza ukuthi uZulu Boy wazibangela amazinyo abushelezi kubaphathi boKhozi ngokudlala umculo wakhe kodwa iSABC ayifuni ukuphendula ngawo.
Ekhuluma kwiThe Hustler's Corner uZulu Boy, uthe wazishiyela ngoba zazingamukelwa iziphakamiso zakhe. Echaza umrepha ubeke kanje: "Ngasula ngoba ngacabanga ukuthi babengenandaba nengangikuphakamisa. Into enjenge-podcast. Engangikushumayela kubo ukuthi kungani ningaqali iphephabhuku elizotholakala ku-online? Kungani bengenzi eyabo imiqhudelwano yezindondo? Kungani uhlelo lungahambeli izindawo ngoba umsakazo utholakala kuzwelonke."
Uthe wayefuna kutholakale uxhaso lenkampani yezingcingo nebhasi okuzohanjwa ngalo kuchungechunge lwangoLwesihlanu. "Kwakunezinto eziningi emqondweni wami. Kwavele kwathiwa 'ungubani wena mfana?' Kwasha kwacima," kusho uZulu Boy,
Wayethula izinhlelo ezimbili oluthi Namba Namba neChillas ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.
Lo mrepha obesezinze e-Europe, ubuye wagonyuluka ngokukhula kwakhe. UZulu Boy wodumo lwengoma ethi Nomalanga, uthe empeleni uyise owakwaDlamini kodwa akazibizi ngalesi sibongo ngoba wamphika. Uthe ukhuliswe ngunina yedwa, uNonhlanhla Rebecca Majozi, ezindaweni eziningi.
"Ngizalelwe ePoly Clinic yaKwaMashu ngo-1982, kodwa ngakhulela eNtuzuma."
Uthe okwakwenza behambe behlala ukuthi unina wayengezwani noninakhulu. "Ngenxa yesimo esingesihle engikhulele ngaphansi kwaso, bengihamba ngihlala ngoba ugogo wayehlale esixosha ekhaya. Kwakuhlale kunomsindo phakathi kukamama nogogo. Umama wayezwana nabafana abangamagintsa baseNtuzuma, eMatendeni, befihla izimoto ekhaya." Uthe ngo-1993 wayelala nonina emgwaqweni lapho sekunamahhovisi ephephandaba iLanga manje.
UZulu Boy uqhube wathi unina wadlula emhlabeni ngo-2005 ngenxa yesifo sengculazi. "Ngangingenabo ubudlelwano nobaba ngoba wangiphika uDlamini, uNkosi. Wathi angisiyo ingane yakhe. Kunezinye izingane zakwethu futhi sonke sizalwa ngoDisemba futhi singamakhosana komama abahlukene."
Uchaze uyise njengomuntu owayeyi-Accountant enkampanini eyayibizwa ngeMobile, enemali futhi eyisoka lamanyala.