UMCULI we-Afro Soul, uZandile “Zandie” Khumalo, uthi konke sekumi ngomumo nge-albhamu yakhe yesithathu esihloko sithi Public Figure, athi kuyona uzogeqa amagula ngobuhlungu adlule kubo nasabhekene nabo namanje selokhu kwashona isoka likadadewabo, uSenzo Meyiwa.
Ekhuluma ngale albhamu, uthe ugxile empilweni yakhe nangezimo adlule kuzo okubalwa nokuvela ecaleni lowayewunozinti we-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa, owadutshulelwa endlini kanina benodadewabo, uKelly Khumalo ngo2014.
Eqhuba, uZandie uthe kumsizile ukuhlehliswa kwecala likaMeyiwa ngoba uthole nesikhathi sokuphothula ukuqopha i-albhamu estudio.
“Sekuyisikhathi eside ngingakhiphi, ngibone sekuyisikhathi esihle sokujabulisa abalandeli bami, i-albhamu yami esihloko sithi Public Figure isendleleni. Abantu into okumele bayazi ukuthi umculo uyimpilo yami, abantu sebesho izinto eziningi ezinkundleni zokuxhumana ngempilo yami. Manje ngibona kuyisikhathi sokuthi ngizikhulumele mina-ke, indlela engikhuluma ngayo ukucula,” kusho uZandie.
UZandie uthe uzondlalela le albhamu ngengoma entsha esihloko Amatshe, nalapho athe usebenze khona nophrojusa uXolani “Xowla” Shabalala ongaphansi kwenkampani iNkabi Records.
“Le ngoma yami entsha esihloko Amatshe, izondlalela i-albhamu yami. Kule ngoma ngishintshe isigqi ngidlala kakhulu esikaBusi Mhlongo nobaba uJabu Khanyile nokuyinto engajwayelekile ukuthi ubone iciko lidlala izingoma zakudala.
“Ingoma ikhuluma namadoda ukuthi thina mantombazane sicela angadlali ngathi. Sifuna basilobole ngezinkomo, hhayi ngamatshe. Sihlezi sithandana nabantu iminyaka eminingi kodwa ekugcineni bangasiloboli, manje ngayo ngifuna ukukhuthaza abafowethu ukuthi kubalulekile ukulobola umuntu osuthandane naye isikhathi eside,” kuchaza uZandie.
UZandie usenesikhathi engakhiphi i-albhamu njengoba selokhu agcina ngo-2021, nge-albhamu esihloko Ezenala.