NGIYASOLA okuwuMakhadzi kunekamelo elingakhanyi ekhanda lalo. Engathi uJub Jub ebhekene namacala abucayi kanje, wena uphumele obala uthi uyameseka. Yebo, umuntu umsulwa aze atholakale enkantolo ukuthi unecala ngoba selimlahlile. Okwamanje uMakhadzi bekufanele aziyeke zihlabane amalunda nabantu abathi wabagila. UMakhadzi usanda kuphumela obala ngokuthi wake wahlulumezeka ngokocansi esakhula. Bekufanele azi kangcono ngaphansi kokuphuma iqhubu noJub Jub. Nawe-ke Jub Jub sewumdalulelani omunye umntwana ngoba ubexoxa nawe ngasese?