UZITHINTELE izibonkolo umsakazi osanda kujoyina kwiGagasi FM kulandela ukungcofa kwakhe umlandeli wakhe oshonile.
UPenny Ntuli osakaza uhlelo lwaphakathi kwamabili kulesi siteshi uzithintele kubantu ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuhlekisa kwakhe ngomlandeli odlulile emhlabeni.
Impi iqubuke kuFacebook ngesikhathi lo msakazi ephawula komunye umbhalo obukhuluma ngokushona kwalo mlandeli, okungaqondakali ukuthi ushone kanjani.
UPenny ubhale ukuthi uzoke athole ukuphumula njengoba umufi engasekho emhlabeni.
Ngokusho kwakhe umufi naye ubehlala emngcofa kuyona le nkundla yokuxhumana futhi ubengeke avele akhohlwe yikona konke lokhu ngoba nakhu esedlulile emhlabeni.
“Lo mlisa ubehlale engigcona ngokuthi ngintshontsha imibhalo yabantu futhi bengizihlekela. Yena wangijabulela ngithole umsebenzi kodwa ngiqale ukungaphatheki kahle esehlanganisa nezingane zami uma engigcona. Babekuphi abangani bakhe ngesikhathi ngimcela ukuthi akahlukane nami? Wamane wangeyisa kakhulu? Ebukisa ngami…Abazilele umngani wabo bangiyeke, sengizohlukunyezwa yibona manje?” kusho uPenny kuyona le nkundla.
Omunye ozibiza ngoMlips Mchunu oveze ukuthi ubewumngani kamufi obekuhlekiswa ngaye, uthe kubuhlungu ukuthi kube khona ohlekisa ngokufa komuntu kanje.
“Le ntombazane isivusele amanxeba asemasha. Okusho ukuthi ujabulile yena ngokuthi akasekho emhlabeni. Umuntu osebenzela umphakathi lo okhuluma kabuhlungu kanje? Yena ujabula ngokufa komuntu? Akakhuzeki nhlobo uthi akushilo ukushilo,” kusho uMlips.
Abantu bese behlukene phakathi njengoba abanye behambisana noPenny kanti abanye ibacasulile into ayenzile.