UKUNGAKHETHI uhlobo lomsebenzi yikona okulenza lingayesweli indlela yokuziphilisa ibhungu eselizakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana.
UYamkela King Nuba (22) waseMatsheni eMzimkhulu, osephenduke intandokazi kubantu ngalesi sikhathi esinzima sobhubhane lweCovid-19, uveze ukuthi alukho uhlobo lomsebenzi angalwenzi inqobo uma kuzobeka isinkwa etafuleni.
Yize aziwa kakhulu ngokunandisa ngomculo, amahlaya nengqephu ezinkundleni zokuxhumana kodwa uma eseqedile uthi uyaphanta njengabo bonke abantu ahambe ethwebula abantu izithombe.
"Ngiziphilisa ngokushutha abantu izithombe ukuze ngithole amasenti, ngikwazi ukubhekana nezidingo zempilo njengawo wonke umuntu. Imali ayikhethi yingakho nami ngingakhethi msebenzi ngoba into ebalulekile ukuthi kubekhona umuntu akwenzayo okungenisa imali," kusho uNuba.
Eqhuba uthe ukuba umthwebuli nakho kuwumkhakha obalulekile okwenza acije nomfowabo omelamayo ohlala emthwebula ekhaya.
Uma ezoqopha ama-video asabalele ezinkundleni zokuxhumana, usebenzisa yena umfowabo ukuze athole isipiliyoni esizomenza umthwebuli onamava njengaye.
Ngaphandle kokuthwebula izithombe kuningi azibekele kona, asafisa ukukhula kukho kwazise no-matric wawuphasa kahle. Ngokujwayelekile abantu abaningi asebenabalandeli abangaphezulu kuka-100 000 njengaye bavamise ukwenza imali ngokusebenzisana nezinkampani ezinkulu kodwa yena uveza ukuthi ubengakabi nenhlanhla kodwa unethemba lokuthi ngelinye ilanga ucilo uyothuka ezishaya endukwini.
"Ama-pizza engisuke ngilingisa ngawo ngisuke ngiwathenge ngemali yami. Ngingajabula uma kungaba noxhaso engingaluthola ukuze nami ngikhule. Okwamanje ngisalekelelwa uJumbo ongifake kwezinye izindawo," kusho uNuba.
Ephetha uthe yize esedumile futhi nabantu bemthatha njengosaziwayo kodwa ekhaya usenza konke okulindeleke kuye njengengane.
Uthe unina akekho ezinkundleni zokuxhumana futhi akazi nokuthi kwenzekani kuzo.
Isifiso sakhe esikhulu ukukhula emkhakheni wezokungcebelela akwazi nokuqala izinto ezinkulu ezizovulela intsha yangakubo amathuba omsebenzi aqale nayo kule ndima yokunandisa.
Uma engekho eMzimkhulu usuke eseThekwini lapho ezama khona amathuba angcono.