YIZE umculi we-Afro pop uKelly Khumalo, eyinkukhu nempaka nenyanga yodumo yaseThekwini, uZamokwakhe “King Bhaka” Nzama, kodwa udadewabo uZandie Khumalo, ungomunye wabaculi abazonandisa emcimbini kaBhaka ngeSonto ngo-9 ekuseni.
UKing Bhaka ukuqinisekisile ukuthi uZandie uzoshiyelana inkundla nomculi wokholo uJumbo, nowegqom’ uDladla Mshunqisi, emzini wenyanga osendaweni yomntakabani ku-44 Rocky Ridge Road, eHillary, eThekwini.
Phambilini uKing Bhaka noKelly bebengamathe nolimi kangangoba umculi wayengasapheli eThekwini, etetemuka ngezimoto zikaKing Bhaka. Ubudlelwano babo bagcina sebumuncu emuva kokuba uKing Bhaka ephume esephaphatheka kwelinye lamahhotela ngosuku lweDurban July, ethi uhujwa nguKelly. Nakuba uKing Bhaka wayaziwa ngokwelapha futhi evelele kwezikamaskandi kodwa kwamdumisa kakhulu ukuzwana noKelly waze wavela ohlelweni iRolling with Headliners kwi-e.tv.
Muva nje izelamani uKelly noZandie, zisanda kukhumelana umlotha emuva kokungahoshelani iminyakana embalwa. Lokhu kwenzeka ngemva kwengxabano eyaqubuka phakathi kukaKelly nomyeni kaZandie, uMhlo Gumede. Kayiphumelelanga imizamo yokuthola uZandie ukuze aphawule.
UKing Bhaka uthe uzogubha usuku lwakhe lokuzalwa abese ethula ngokusemthethweni ikhambi lakhe, umakhandakhanda oil. Uthe ulindele izicukuthwane nezithameli zamazinga ahlukahlukene ukuba zizosheba umculo nezidlo ezinhlobonhlobo njengoba ezogingqa izinkomo ezintathu.
"Yize selinesikhathi likhona ikhambi elingumakhandakhanda oil futhi sengiqalile ukusiza abantu ngalo kodwa ngithe angilethule ngokusemthethweni emphakathini ngalolu suku. Ukuhambisa abantu edamini engilisebenzisa ukuphulukisa abantu kuzokwenzeka ngalolu suku. Empeleni bekufanele umcimbi ubanjelwe edamini kodwa sakuhoxisa lokho ngenxa yokuthi lisangcolile ngoba lisanda kunwetshwa."
UKing Bhaka uqale ngokwelapha abantu ebebehlushwa yizilonda ezingapholi ngembiza ebizwa ngoziqu ezintathu eWorkshop Amphitheatre, eThekwini, ngaphambi kokusungula ibandla Ekuphileni Power of King Bhaka’s God Ministries.
Ngaphandle kwalokho usungule iqembu likamaskandi elahlabana ngeBest Song of the Year neyeMost Downloaded Song kumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards ngo-2016, Ezikabhaka. Lizokhunjulwa iqembu ngenoni elalithi Thayi Lemoto libophele uVumile Mngoma, Ithwasa Lekhansela noBahubhe. Sekuyinto eyaziwayo ukuthi ubudlelwano bala baculi nenyanga bagcina sebumuncu ngenxa yengxabano engaziwanga imbangela yayo. UKing Bhaka, owake waba nguHlathi esacula ikwaito, ubuye walingisa noRonnie Nyakale, onguCosmo kwiGenerations The Legacy. Babedlala kwiMlazi Gangster 5.