UPHUNGA izesheli ngapha, nangapha, umculi oyintandokazi kuleli. UZahara unxusa abantu ezinkundleni zokuxhumana ukuthi behlise izinga lokuxhumana naye ngenhloso yokweshela. Lokhu ukusho emuva kokuveza ukuthi ababhekelele imikhiqizo yakhe yezinto zasekhanda, banengcindezi yenqwaba yemiyalezo okumele bayihlunge.
Yize uZahara ethi akalwi futhi akakwenqabi ukweshelwa kodwa ucela kwehle izinga.
"Molweni ..... ngizama ngayo yonke indlela ukuphendula imiyalezo yenu yize iminingi kakhulu. Ngicela nithumele izinto ezibalulekile njengokubhukha nezingxoxo ezikhethekile nokunye (kepha) niyeke ukweshela," kusho uZahara.
Yize phambilini eke wabhala kanje uZahara kodwa ubuye wawucisha umbhalo ngenxa yabantu abebephawula ngezindlela ezahlukene ezinkundleni zokuxhumana. Yize umculi eke wabhekana nezingqinamba kodwa uphokophele phambili njengoba esebonakala emcimbini ehlukene. Abalandeli bakhe bayameseka futhi bayamkhuthaza ukuthi azibambe ziqine, engabe esabheka emuva.
Kubukeka sengathi imikhiqizo yase kaZahara ibathathile abantu abaningi yize okwamanje esabhekelele abesifazane kuphela. Abesilisa bazikhalele kuleli phephandaba benxusa ukuthi kwenziwe neyabo imikhiqizo.