ISIQALILE ukuvuna izithelo ezinhle i-albhamu yentokazi yaseGqeberha engene emculweni we-Afro Soul kwazwakala. UNomfusi we-albhamu ethi The Red Stoep ayidedele ngoSepthemba 23 kulindeleke ukuthi amabombo awabhekise e-Europe ekupheleni kwale nyanga. Le albhamu kaNomfusi enezingoma eziwu-12 kusabalwa amasonto isezitolo kodwa yenza kahle kakhulu nakwamanye amazwe okubalwa nawaphesheya kwezilwandle.
Imenenja kaNomfusi uThanduxolo Jindela weKwathole Conexion uthe kulindeleke ukuthi ahambe namhlanje alibangise eMunich lapho zonke izinhlelo zakhe zizoqala khona kwelaseGermany. Phakathi kwezindawo azonandisa kuzo kubalwa Munster, Hannover, Sweden, Bludenz, Innsbruck bese eyoyivala eGran Canaria.
" Uzoya konandisela izinkumbi zabantu kulamadolobha kodwa akuzophelela lapho uzobuyela ekhaya eNingizimu Afrika ngasekupheleni kukaNovemba ukuzokwethula ngokusemthethweni le albhamu. Ngonyaka ozayo uhlela ukuhambela namazwe angomakhelwane okubalwa iZambia namanye angomakhelwane nazokumemezela uma sekuhlangene,"kusho uThanduxolo.
UNomfusi ugcizelele ngokuthi ukuhlasela kweCovid 19 naye kumkhinyabeze kakhulu njengamanye amaciko kodwa ukuqala kokuvuleleka kwezinhlelo zikathaqa kumjabulisa kakhulu. "Ngijabuliswa ukuthi ngizobuyela ekwenzeni into engiyithandayo. Ukuba namakhonsathi kuyajabulisa kakhulu uma uyiciko. Ukungabi namcimbi esinandisa kuwo akusihlukumezi emoyeni nje kuphela kodwa kufakelana ingcindezi ngoba kushaya kuzwele nasephaketheni uma kungasangeni mali,"kusho uNomfusi.