AKAKUGQIZI qakala okushiwo ngaye ezinkundleni zokuxhumana uDJ ophenduke inhlekisa egxekwa ngendlela agqoka ngaye, bethi akumfanele ukufaka izikhindi ngoba unezibhuklabhukla zamathanga.
UDJ Lamiez Holworthy uthe yize egxekwa ngendlela agqoka ngayo ngabathi unamathanga amakhulu, bemugxeka nangezitayela azenza ekhanda kodwa uthi okubalulekile nokumele abantu bagxile kukho wumsebenzi wakhe. Kukho konke osekwenziekile nabakuphendule ihlaya okukhona kubo nabantu besifazane, yena uthe usedlulisile futhi uzoqhubeka nokwenza kahle ukuze aqhubeke nokuba yisibonelo esihle emphakathini.
Uthe ukholwa wukuthi njengoba enabalandeli besifazane abahlukene ngesisindo somzimba nangezigaba zempilo okubalwa namantombazane asemancane, kuningi okuhle abangakuzuza ngokubukela kuye.
Uqhube wathi yingakho ekhetha ukuthatha isinqumo sokuqhubeka nokusebenza kanzima aphumelele empilweni ukuze namantombazane ezogqugquzeleka ngaye anganaki ukuthi abantu bathini. "Uthando eninginika lona nsuku zonke luyangimangaza futhi luyangigculisa enhliziyweni yami," kusho uDJ Lamiez.