LIKHALA ngokuthi umculo walo usuyoze uphelelwe isikhathi iciko lakuleli elilokhu lipakiswe isitebele somculo. UTNS usephumele obala ezinkundleni zokuxhumana wazwakalisa ingcindezi abhekene nayo esola isitebele somculo iSony ngokumshaya ngesithende ibe matasa nama-piano kuphela.
"Ngifisa ukukhipha umculo, sengifone ngaze ngoma eSony. Bamatasa nama-piano, umculo nama- albhamu ami kuyoze kubolele estudio. Kulungile kusho ukuthi sekuyoba ngesikhathi sikaNkulunkulu, ngiyaxolisa bakwethu," kusho uTNS.
Eqhubeka nokubalisa uTNS ekhasini lakhe utshele abalandeli ukuthi akalwi kodwa ulokhu ezehlise njalo kwiSony ukuze babonisane. "Manje azisabanjwa nezingcingo uma ngisho ukuthi sengiqedile ngama-albhamu. Ngilinde bona manje babuyele kimi siqhubeke sisebenze. Ngiyabona ukuthi kukhona okushaya amanzi, sengiphile kanje isikhathi eside iyangizacisa lento yokungakhiphi umculo," kusho uTNS.
Abalandeli bakhe balokhu bemduduze njalo bekhala nangokungenzi kahle kwezinkampani zomculo kumaciko. "Mmm kanti kubuye kwenzekani ngezinkampani zomculo," kusho u-Alex Nzuza.
" Awu bazama ukukubamba ngophondo," kusho uFisokuhle.
"Zama ama-piano nkosi yami, mhlawumbe ungakwazi ngesigqi sakho," uDJ Fax.
Lezi zinsolo ezibhekiswe kwiSony ibingakaziphenduleli ngazo.