NQOBILE MASIMULA
“SIPHELILE isikhathi sokuthi abaholi kube ngabantu abathanda ukubukwa ekubeni bengasondelene nezinkinga ezihlupha abantu emazingeni aphansi.”
Lawa ngamazwi kaNobhala omusha we-African National Congress (ANC) eGauteng, uThembinkosi ‘TK’ Nciza. Lo sopolitiki owaduma ngesitebela somculo sakhe benoDJ Sbu, iTS Records, uqokelwe esikhundleni engqungqutheleni yokukhetha ubuholi besifundazwe ngoJuni 3 kuya ku-5.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto, uTK uthe mningi umsebenzi okumele wenziwe.
“Isizathu sami esikhulu esenza ngizibandakaye nombutho ukulungisa izimpilo zabantu. I-ANC isilahlekelwe ngokuningi ngenxa yamanye amalungu ayo asuke egaqele izikhundla kodwa engenamsebenzi nezidingo zabantu,” kusho uTK.
Uveze ukuthi useneminyaka eyevile kwewu-10 ezibandakanya nombutho futhi ubebambe izihlalo ezibalulekile egatsheni elise-Ekurhuleni.
Mayelana nokuthi uzomisa kanjani ngebhizinisi lakhe lomculo, elakhiqiza inqwaba yezintandokazi zabaculi kuleli, uthe ngenxa yobucayi besihlalo sikaNobhala wesifundazwe, kuzodingeka isikhathi sakhe esiningi.
“Bese ngiqalile ukungabi mningi kulona, sengiyala lapho, nalaphaya. Ukungena kwipolitiki ngibona kuzosiza ngoba kusho ukuthi izinkinga zamaciko, zizokwaziwa ngabantu abasemagunyeni,” kusho uNciza.
Uqhube wathi i-ANC idinga abaholi abazozinikela ekwakheni umbutho emagatsheni abo. Uphethe ngokuthi kusele kubantu abasha bakuleli nabangaphansi kwe-ANC, ukuthi basukume, bazibambele izintambo noma babukele umbutho ushabalala ngo-2024.