AMATHEMBA eNingizimu Afrika, abekwe kuzime wezwe uLalela Mswane, wemncintiswaneni wozime bamazwe ahlukene ohlelwa yiNowa Scena, ePoland.
ULalela onguMiss South Africa, namhlanje uzoba ngomunye wozime abazobanga isicoco sikaMiss Supranational eStrzelecki Park Amphitheater, eNowy Sacz, ePoland. Kubukeka enethuba lokumuka nesicoco ngoba ungomunye wozime abawu-10, abangene ohlwini lozime emkhakheni ovotelwa ngabalandeli iSuprafan.
NgoLwesibili ebusuku udonse amehlo abaningi ngendlela enzengayo emcimbini obuwendlalela uMiss Supranational. Izakhamizi zakuleli zihlabeke umxhwele kanti nabakwamanye amazwe ezinkundleni zokuxhumana bathathekile ngendlela enze ngayo kulo mcimbi. ULalela ungene ngomsiko wasolwandle we-thabooty kaThandoThabethe, kwancane indawo. Emuva kwalokho ungene ngomsiko welebuli yomntakabani iWillet Designs Couture.
ULalela akawuvali umlomo ngakubona ezinkundleni zokuxhumana abantu belokhu bemgqugquzele njalo nokumethemba ukuthi uzobuya naso lesi sicoco.
"Ngibonga wonke umuntu ngothando namazwi okungeseka njengoba ngiqedela lolu hambo," kusho uLalela.
Nonyaka kumenyezelwe ukuthi isicoco sikaMiss Supranational, senziwe wungoti wezobucwebe uRicardoPatraca.
UMiss Supranational wanyakenye ongumsiki wengqephu uChanique Rabe waseNamibia, kulindeleke ukuthi adlulisele isicoco kozodla umhlanganiso. Ozime baphambilini okunguZozibini Tunzi noShudufhadzo Musida, bakhombise ukumeseka uLalela, ekhasini le-Instagram.