ZIBUKEKA zisihambela kahle izinto isilomo somculo wokholo esibusiswe ngomntwana futhi sanikwa nendawo yokulingisa komunye wemidlalo emikhulu yethelevishini.
Leli phephandaba lithole ukuthi uDumi Mkokstad nonkosikazi wakhe, uDkt Ziphozenkosi Nzimande bathole indodakazi. Indodakazi inezinsuku ezingu-15 namhlanje, ilama indodakazi kaDumi yokuqala eneminyaka eyisishiyagalolunye.
Ethintwa uDumi akazange aphike ukuthi seyikhona ingane yabo kodwa wacela ukuthi kuhlonishwe isinqumo sabo sokungayivezi okwamanje.
UDumi uthe kuyisibusiso ukuphinde athole umntwana nonkosikazi wakhe futhi konke kuhamba kahle.
"Okwamanje asikathandi ukuyifaka ezinkundleni zokuxhumana nokulokhu siyiveza ingane. Sijabule kakhulu nasebusuku asilali sishintshana ngayo kumnandi, kodwa okwamanje sicela ukungayifaki ndawo," kusho uDumi.
Izolo ebusuku uvele okokuqala emdlalweni Uzalo kwiSABC 1 lapho elingisa eduze noThabo Mnguni onguMbatha emdlalweni. Ngesonto eledlule kusabalale izikhangiso zalo mdlalo ebezinoDumi ezidide abaningi kanti uthukuse induku emqubeni.
"Ngike ngalingisa esikoleni kodwa nginamahloni ngingenzi kahle ngoba ngangimncane. Ukushutha kulo mdlalo kungifundise okuningi ngoba bekumele ngilingise kodwa ngibe ngiwuDumi ongumculi. Ngokujwayelekile uma abantu besebenzisa igama lami ukukhangisa izinto zabo angibabuzi kodwa kulo mdlalo bekumele ngikwenze," kusho uDumi.
Eqhuba uDumi uthe indawo ayilingisayo ngeyesikhashana izosheshe iphele. Uveze ukuthi ziningi izinto amatasa nazo emculweni nokusiza abanye abaculi abanekhono bakwazi ukufeza amaphupho abo ngokuqopha.