UMCULI owagqama emncintiswaneni womculo i-Idols SA, uSneziey Msomi, uthi kufezeke iphupho elotsholwa futhi ethenjiswa umshado yisithandwa sakhe ahlangane naso ezinkundleni zokuxhumana.
USneziey (27), owaphuma endaweni yesibili kuma-Idols SA ngo-2019, ulotsholwe ngempelasonto ngowesilisa anqabile ukumdalula.
Ekhuluma nephephandaba izolo ekuseni, uthe lona wesilisa waqale wambingelela ngasese ezinkundleni zokuxhumana kodwa wamziba.
“Wangibona ngifake ivideo nabangani bami ngo-2017 wangibingilela. Angibanaki abantu abavele babingelele bengasho lutho ngemiyalezo ngoba baningi kakhulu. Nango-2018 uthumelile kodwa engangixini kakhulu,” kusho uSneziey, odabuka eMlaza.
“Sizithole sikhuluma, ephawula kwenye into engangiyifakile ngase ngithi ngoba anginamuntu vele, angimnake. Ngangimanqika ekuqaleni ngoba engenazo izithombe eziningi.”
Uthe ngesikhathi ezoyocula eKapa, ngasekuqaleni konyaka umtshelile base behlangana nokuyilapho ubudlelwabo babo buqale khona. Uthe sebejole izinyanga eziyisishiyagalolunye.
“Ngosuku lwami lokuzalwa ngoJulayi ungibuze ukuthi ngingenza njani uma engicela ukuthi ngibe umkakhe. Ngangizitshela ukuthi usadidwe uthando ngoba luselusha. Ngokuhamba kwesikhathi ubelokhu ephinda kodwa nginganaki. Nami bengingeke ngivele ngitshele abazali ukuthi “ithe i-oe yami ifuna ukungilobola”. Abafana basho noma yini uma befuna ukukujabulisa.”
Uthe ulotsholiwe wase ethenjiswa umshado nokuyinto emjabulisayo.
“Benginalento yokuthi ngifuna ukushada uma sengineminyaka engu-25 kodwa kwangenzeka. Okwenzeka manje kufana nokufezeka kwephupho ngoba ngiyathanda ukushada nokuba nomndeni nezingane. Kumama ngiyingane eyodwa futhi washeshe washona. Ngifuna ukuba nezingane ingabi yodwa ngoba mina ngikhule nginesizungu.”
Uveze ukuthi kulezi zinsuku uphusha i-albhamu yakhe Izulu ayikhiphe ngoNovemba wonyaka odlule. Ngaphandle kwakho kukhona nokunye akwenzayo okuzovela maduze.