SANELE NDLOVU
UMLINGISI weDurban Gen, uSthandwa Nzuza, uthi ukhathele ukufela ngaphakathi ekubeni eqaqanjelwa yizinhlungu zeminyaka emibili ezenzeka esashadile.
Le ntokazi edume isasebenza oKhozini FM, nelingisa indawo kaDkt Zandile Mkhize, kwiDurban Gen ibhale ezinkundleni zokuxhumana ngokuhlukumezeka emendweni, yize seyehlukanisa ifindo lomshado nosomabhizinisi uMnuz Philani Gama, weGama Classic Funerals.
"Umuntu akuhlukumeze ngokwenyama bese ejika ezenza isisulu. Maduze nje ngizodalula amahlazo omuntu," ubhale kanje umlingisi.
Eqhubeka uthe sekuphele iminyaka emibili ethule ngoba ecabanga ukuthi amalungiselelo okwehlukanisa azohamba kahle kodwa manje usekhathele.
Ethintwa mayelana nodaba uSthandwa uthe, kuningi afisa ukukhuluma ngakho kodwa akakakulungeli ukwenza lokho.
"Akukho engikufihlayo noma engisabayo ukukusho. Yikhona nje ukuthi angikakulungeli ukukhuluma ngakho," uphendule kanje uSthandwa.
Umlingisi uqale ukwaziwa esasakaza kwiDurban Youth Radio kanti uke walunguza nakwiVuma FM.
Uqhube wathi uma esekulungele ukuvula isifuba ngodaba, uyokhuluma. Okwamanje lokhu akubhale ezinkundleni zokuxhumana kwanele.
Ethintwa uGama ucele ukuba athintwe kahle izolo ngabo-3 ntambama kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga.
Ngonyaka ka-2020 Isolezwe ngoMgqibelo labhala ngezinsolo zokuhlukumezeka kwalo mlingisi emshadweni wakhe kanti namaphoyisa akuqinisekisa ukuthi kwavulwa icala.
USthandwa wavulela owayengumyeni wakhe icala lokushaya nokuhlukumeza. Wakuqinisekisa lokho wabe esethi akathandi kodwa ukukhuluma ngakho.