UMLINGISI owaduma kwiGenerations, uSophie Ndaba (50), uthi ukugula kwakhe okudale ukuthi anciphe emzimbeni yikho okwenze wasungula uhlelo iShe’s A Wonder (SAW). Uthi inhloso yohlelo ukuthuthukisa, nokusiza abasifazane baseNingizimu Afrika, abakhungethwe yizinkinga ezahlukene baze bazenyeze. Uthi uzobasiza babuyelwe yisithunzi.
Lo mlingisi owabhoboka ngokuphathwa ukhwantalala, nesifo sikashukela ekhuluma ne-IOL, uthe amathe azobuyela kwasifuba kulabo ebesebezitshela ukuthi kuphelile ngaye. Uthe useke wangcwatshwa ephila, manje ufuna ukusebenzisa iSAW ukunika abantu besifazane ithuba lokuthi babhoboke ngezinkinga ababhekene nazo kutholakale izixazululo.
“Lo mqondo wohlelo iSAW wazalwa mhla indoda engangithandana nayo ithi kimi ‘Sophie, uke uzibone esibukweni ukuthi umubi kanjani? Akekho umuntu oyoke akufune noyoke akuthande. Ngisho izingane zakho azikufuni.’
“Ngaleso sikhathi ngitshelwa la mazwi ngaphuka ngaphakathi, ngisho esikalini ngishaya u-42 kg. Uma ngibuka konke lokho ngiyabona ukuthi ngacishe ngafa,” kusho uSophie.
Eqhuba uSophie uthe walahlekelwa yikho konke ayenakho. Walahlekelwa yimali, yizindlu nezimoto futhi wayesecwile ezikweletini ngoba wayengasawutholi nomsebenzi. Uthe uyazi ukuthi baningi abantu besifazane abakulesi simo adlula kuso yingakho efuna ukubanika ithuba lokugonyuluka. Uthe lolu hlelo oluzoqala ngo-Agasti 19, luzoba minyaka yonke futhi wonke umuntu wesifazane wamukelekile.
“Lolu hlelo luzoba yithuba lokuthi ngikhulise futhi ngihlomise abantu besifazane ukuze babuyelwe yisithunzi. NgoMgqibelo Agasti 19, sizobe silwethula ngokusemthethweni futhi kuzobe kukhona osaziwayo, okubalwa uNhlanhla Mafu weMafikizolo, osanda kunqoba kuBasadi in Music Awards, noBrenda Mtambo obenandisa kuMiss South Afrika ngeledlule,” kulandisa uSophie.
USophie unameke isithombe sakhe ezinkundleni zokuxhumana ebukeka eluleme emuhle, echochobele futhi ejabule, wathola ukwesekwa nezincomo kubalandeli bakhe.
Kwi-Instagram abalandeli bakhe @UZubaidah Mahlangu, ubhale ukuthi: “Kungani ngikhala? Ngicabanga ukuthi ngikhaliswa yinjabulo. Unkulunkulu usithanda sonke, akabongwe uNkulunkulu. Waze wamuhle sisi, qhubeka njalo uqhakaze, uSathane akanamandla.”
@Macingwane Promise, uthe uSophie ungokhethiweyo kanti uyaziqhenya ngaye ngokuba ngus’bindi-gidi