USEBONA engaphephile umculi othi usongelwa ngokubulawa ngenxa yokuqhakambisa isiko lesintu. UMbuso Khoza oyiciko nesishoshovu samasiko uthe sekunzima nokuxhaswa ngoba kuthiwa usondelene noMntwana uMangosuthu Buthelezi.
uthe akanalwazi lokuthi ziqhamukaphi, kodwa unesiqiniseko sokuthi kungenxa yomsebenzi wakhe, nokuqhakambisa amasiko esizwe sakwaZulu.
Exoxa neSolezwe, uKhoza oke wabonakala elingisa emdlalweni osanda kuphela kuMzansi Magic othi Umkhokha, uthe akazimisele ngokuthikanyezwa yilezi zinsolo futhi ngeke awuyeke msebenzi wakhe wokuba yiciko elizigqajayo ngamasiko.
" Ngiwumculi othanda isiko lakhe, nginentshisekelo ngengiyikho. Ngisukumela into yakithi ngingabheke lutho. Ngikusho lokhu ngoba angiphephile, ngiyafisa ukukusho lokhu, kunezinkulumo eziqoshiwe engizitholayo ezithi lokhu engikwenzayo angikuyeke ngoba ngizobulawa. Ngizibekile ngazidlulisela ehhovisi likamengameli ngizama ukusho ukuthi ngiyithanda kakhulu imvelaphi yakithi," kusho uKhoza.
Eqhuba uphinde wathi uke wabhekana nengcindezi engalutholi uxhaso esolwa ngokuthi uhambisana neqembu elithile lezepolitiki. "Kusukela ngo-2015 ngiqala le nto babethi abantu ngiyahlanya, uma kunemihlangano kuthiwa lo ubonakale noMntwana wakwaPhindangene, Inkatha le asingayixhasi,"kusho uKhoza. Ukhale ngokuthi imvelaphi ngamasiko esintu kufile ufisa ukubona intsha isika iphethini kwabaphambili izikhandle nangomlando.
INkosi uMangosuthu Buthelezi ngesikhathi yethula inkulumo yayo kwisikhumbuzo sempi yaseSandlwana eNquthu ngoJanuwari 22, ayizange ikhohlwe ukubonga uKhoza ngamagalelo lakhe kwezamasiko. UKhoza ungomunye wamaciko avelele emculweni wesintu nosevule isikhungo sezobuciko eShowe lapho kucotshelelwa abantu ngolwazi ngamasiko nomlando.
Ephetha ukubeke kwacaca ukuthi akahlehli ezintweni zesuntu yize ebhekene nale nkinga.