KUSHAQEKE abaningi ezinkundleni zokuxhumana kuvela izinsolo zokuthi inkosikazi yentandokazi kaDJ waseThekwini, inobudlelwane bezocansi nomunye usaziwayo waseGoli.
Ngokwemibiko kusolwa ukuthi uGugu Khathi osanda kuqeda iminyaka engu-10 eshade noDJ Tira, uyaphinga noTebogo Lerole ongelinye lamalungu eqembu lomculo, iKwela Tebza.
Azehlanga kahle zinsolo kubalandeli bakaTira, njengoba bebekhomba ngenjumbane uGugu ngokudlala ngesihlabani sabo.
Kubikwa ukuthi ithumbu libhoboke ohambweni obeluya e-Eastern Cape, lwe-SUV Challenge ngokuhlanganyela ne-ACT Now, okuyinhlangano engenzi nzuzo eyasungulwa abafana bakwaLerole.
Iphephandaba linawo amazwi aqoshiwe phakathi kukaGugu, nokuzwakala sengathi yizwi likaSli Khumalo, owayekhona kulolu hambo.
Ethintwa uSli uthe yena wanqaba ukulala egumbini elilodwa nentombazane ayengayazi ekubeni uTebogo, wayefuna ukulala kwelilodwa noGugu.
“Anginamsebenzi mina nomshado kaGugu ngoba ysesola ukuthi yimina opotshozele abezindaba ngomjolo wakhe. Mina ngazi ngawo (umjolo) eminyakeni emithathu edlule. Bona abangafuni ukusola abantu uma into yabo ibimnandi kakhulu baze bahluleka ukufihla. Bangalinge bangidakelwe,” kubhoka uSli.
Ngesikhathi kuthintwa uTebogo uveze ukuthi uSli ubabheca nje ngobende inyama bengayidlanga, yingoba bamxoshile enhlanganweni yabo.
“Angimazi ukuthi uhlose ukuzuzani ngokudicilela phansi umshado kaGugu. Kumele azehlise ayofuna usizo ngoba sekuyacaca ukuthi kuningi adlule kukona empilweni asadinga ukubhekana nakho,” usho kanje.
Uthe eminyakeni emithathu eyedlule wayesajola noKhanyi Mbau, futhi yikona okuxakayo uma uSli ethi lento isukela eminyakeni emithathu edlule.
Ebuzwa ukuthi kungabe zifike kanjani kuyena nakuGugu lezi zinsolo nokuthi bazozithatha yini izinyathelo zomthetho, uthe: “Mina nginqume ukuthi ngisebenzise indima yomthetho kanti uGugu uvutha engabaselwe, ulindele usuku ayohlangana ngalo noSli bazwane amandla,” kusho uTebogo.
Uphethe ngokuthi wayekhuzwe ngabaningi mayelana nokusebenzisana noSli kodwa ngoba uyakholelwa ekunikeni umuntu ithuba, wazishaya indiva lezo zexwayiso.
Esithombeni esifakwe nguGugu Khathi kwi-Instagram emi noTira omunye wabalandeli bakhe, u@mondmago umbuze ukuthi uphi uTebogo. UGugu uphendule ngokuthi ungaphansi kwesidwaba sikanina.
Ephendula kweminye imithombo yabezindaba uGugu uthe benoTira basathandana njengakuqala futhi wayeqala ukubona uSli ohambweni lwase-Eastern Cape.
Uthe selokhu azana noTebogo eseneminyaka engu-14, kungani engakhetha ukulala naye manje ebe esemaze isikhathi eside kangaka?
Umyalezo awuthunyelelwe kuWhatsapp uGugu, uwufundile waphendula ngokuthi: “Sthandwa akukho engizokuchaza ngiphilile mina ekhanda ukuthi ngingasolwa ngombhedo onje. Ngizishadele futhi ngijabule kabi emshadweni wami. Angifuni nokuzikhathaza ngale nto,” usho kanje.