USHIYE abantu bekhexe imilomo umculi waseLimpopo, uSho Madjozi, okuthiwa ‘ubedakiwe’ ngesikhathi enengxoxo noDa L.E.S kwipodcast iDa Les & friends.
Kwividiyo okushintshwana ngayo ezinkundleni zokuxhumana kusukela izolo, kuzwakala uSho Madjozi ehluleka nokuphimisa amagama ngesikhathi ekhuluma. Abantu bangene ezinkundleni bebabaza izinga lokucwila ezinkambeni kulo mculi.
Ohlelweni oluthathe cishe amahora amathathu, uSho ubemenywe ukuzochaza kabanzi ngoba ukhiphe incwadi yodado, iShoMa and the Stars. USho ubekhuluma ngencwadi nezinye izinto ezithinta impilo yakhe nokubalwa indlela akhule ngayo ekhaya.
Luqala nje uhlelo bebephole neziphuzo bobabili beqhabula kancane, nokusolwa ukuthi yizona ezibe yimbangela yokungahlangani kwamagama ngokuhamba kwesikhathi.
"Badakiwe laba bobabili," kusho uSadiki Mulisa.
"Ngiyamqala uSho Madjozi ekulesi simo," kusho u-Oscar Ncube.
"Kuthiwa uyisikhokho ekudakisweni abantu," kusho uQaphela.
"Ubaphuzisa hlobo luni kanti lotshwala? Ngiyabufuna nami," kusho uSurvivor Langa.
"Ave bedakiwe bandla," kusho uBongiwe.
Emuva kokubona izinsolo uSho, akazange azikhathaze ngokuchaza okuningi noma acacise kodwa unameke opopayi abahlekayo. Yize kunjalo kodwa ubuye wafaka umbhalo ohambisana nezinsolo lapho ebegigiyela ukuthi ziyabuya uma unoDe L.E.S, uzithole sekudlekile.
Ngaphandle kwesigameko, uSho izolo ukhiphe ividiyo yengoma yakhe entsha iToro ayicula noDDG, wathi isiyatholaka ezinkundleni zomculo ezahlukene. Ngaphandle kwengoma udalule ukuthi ngelinye ilanga uyoxoxa ngodumo lwengoma ethi John Cena. Ngesikhathi ehlanganisa ingoma uSho uthi kwakunzima ehamba engqongqoza kubantu ecela basebenzisane naye kodwa bemchitha. Uthe namhlanje le ngoma eyenza izimanga seyaziwa umhlaba wonke nokuvusa amaminithi.