UMREPHA, u-eMtee, uzifake obishini ngezinsolo zokushaya umkakhe, uNicole Kendall Chinsamy, ngosuku lwezithandani.
Kwi-video eshuthwe ngu-eMtee, uzwakala ebuza umkhwekazi wakhe ukuthi uzokwenzani kwakhe bese ephendula ngokuthi uzovikela indodakazi yakhe ehlukunyezwa yilesi sihlabani. Kuthi kusenjalo umkakhe aqhamuke nefoni enesithombe sakhe evuvukele, ethi u-eMtee umshayile ngosuku lwezithandani.
U-eMtee uyaphika kodwa akafuni abantu babone isithombe sikaNicole evuvukele. Ethintwa uNicole, onezinyanga eziyisithupha ekhulelwe, uvumile ukuthi lo mrepha umshayile futhi uphuma komvulela icala esiteshini samaphoyisa kodwa wenqaba ne-case number.
“Ngosuku lwezithandani ngafica izidakamizwa endlini nokwathi uma ngimbuza ngazo, wabhoka ngolaka wangishaya,” kubeka uNicole.
Ebuzwa yintatheli ngokudale ingxabano ebonakala kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana izolo, uthe akukho okutheni obekubangwa obekungaholela ekutheni u-eMtee enze ivideo.
“Besiqophisana nje ngento engathi shu. Sibanga ukuthi umama uzokwenzani endlini. Ubefuna ngibukeke njengomuntu omubi kubantu, kube kunguye umuntu omubi. Yingakho ngithathe iselula yami ngaveza isithombe la angishaya khona,” kuphetha uNicole.
UNicole uphinde waveza ukuthi akhona amanye amacala awavulela lo mrepha ngo-2020. Ebuzwa ngawo, walile ukunaba.
Imizamo yokuthola u-eMtee ayiphumelelanga. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela izingcingo zakhe zikhala zingabanjwa, nemiyalezo athunyelelwe yona ingaphendulwa.