UMCULI wakuleli we-Afro soul, uJabulani "Sjava" Hadebe, usesatshiswe ngabantu baseSwatini ukuba aze angalokothi alubhade kuleliya lizwe. Lo mculi, wodumo lwengoma ethi Before nethi Mama, uqashwe ukuba ayonandisa emcimbini, iStandard Bank Uluju Food and Lifestyle Festival, eseSwatini ngoNovemba 27 no28. Omunye wabantu abaxwayise uSjava ngokuza kulo mcimbi nguQuinton Master.
"Ukuze uphephe, uze ungalubeki lapha. Uma usawuthanda umndeni wakho nabangani bakho, ungalinge." USmiso Ndlovu uthe basazilele ukubulawa kwabantu abangu-70 abebengahlomile nguhulumeni waseSwatini.
"Woza ngesinye isikhathi sesilungise izwe lethu." Nokhulumela inhlangano yombungazwe yaseSwatini kodwa ezinze kuleli, iSwaziland Solidarity Network, unxuse uSjava ukuba acabangisise ngesinqumo sakhe sokuya eSwatini ngoba sizobeka impilo yakhe engcupheni.
"Sidinwe kakhulu kodwa ngeke samphoqa. Sekungaya ngokuthi unembeza wakhe umtshelani. Sekubulawe abantu abangenacala abangaphezu kuka-100. Abangaphezu kuka-300 bakhubazekile ngenxa yokuhlukunyezwa ngamasosha namaphoyisa."
Ngesikhathi Isolezwe limbuza ngalolu hambo, uSjava uvele wabhoka ngolaka.
"Kungani nihlale ningibuza njalo ngento ebheke eceleni. Yini ningangibuzi ngomculo wami?" Kuhluleke ngisho echazelwa ngenhloso yokufonelwa kwakhe kodwa wavele waqhubeka nokubhoka akhahlele. "Anikahle kancane, niyangiphazamisa."
NoMzwakhe Mbuli uluhlabe kakhulu uhambo lwaseSwatini lwabaculi bakuleli ngoba ethi basetshenziswa yiNkosi uMswati III ayichaze “njengombulali." Uthe iqembu laphesheya, ama-O'jays, lake lafika kuleli ngezikhathi zobandlululo kodwa latshelwa ngokubandlululwa kwabantu abamnyama, lagcina linganandisanga.
Ucashunwe kweminye imithombo ethi uyaqhubeka namalungiselelo alo mcimbi futhi umatasatasa e-studio uyazilolonga.
Nakuba edaza inkani uSjava kodwa omunye umphakathi waseSwatini uthi akamukelekile kuleli lizwe.
Ezinkundleni zokuxhumana uSjava utshelwe emehlweni ukuthi ukuza kwakhe eSwatini kusho ukuthi uzwelana nongxiwankulu. Yize sekuphunywa iqhubu noSjava kuphela kodwa akusiye yedwa umculi wakuleli omenywe kulo mcimbi. Kukhona neMafikizolo.