UMCULI kamaskandi, uNdoni Ndunakazi usinde kukubi engozini yemoto emehlele ngoMsombuluko ngabo-10 ekuseni, elubangise emcimbini abeyonandisa kuwo namaciko amabili asebenza nawo eBethal, eMpumalanga.
Kuthiwa lo mculi wubelubangise eSecunda ngesikhathi kuqhamuka imoto abebephambana nayo emgwaqweni, ephaphalaze yashayisa ebiphambi kwePolo abebehamba ngayo.
Kubikwa ukuthi imoto ebihamba phambi kwabo nayo ibe isiphaphalaza yashayisa unqenqema lomgwaqo.
Imoto abebehamba ngayo isale ihuzuke ngasohlangothini lomshayeli.
UNdoni nabesilisa ababili abehamba nabo, kuthiwa baphuthunyiswe esibhedlela abalashwa kuso.
Umfowabo kaNdoni, uSaliwa Ndunakazi uthe uthuke woma ethola ucingo lumtshela ukuthi ube sengozini yemoto.
“Ngiphazamiseke kakhulu ngithola ucingo lwakhe izolo (ngoMsombuluko). Kodwa ngenhlanhla akubanga kubi kakhulu ngoba akekho noyedwa oshonile engozini. Udadewethu olimale emlenzeni nasengalweni, uyelashwa esibhedlela angeniswe kuso. Yize elimele, kuyangijabulisa ukwazi ukuthi akukubi kangakho kuyena nabehamba nabo,” kubeka uSaliwa.
Imizamo yokuthola uNdoni ocingweni ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe beluvaliwe.