NQOBILE MASIMULA
USEMATHENI futhi uZodwa Wabantu, ngemva kwezinsolo zokuthi ushaye owesifazane ngoMgqibelo besendaweni yobumnandi, iRecharge Braai Lounge eseMidrand, eGoli.
Lo wesifazane osola uZodwa ngokumshaya, nozibiza [email protected] kwi-Instagram, ubhale ekhasini lezindaba kule nkundla yezokuxhumana, elandisa ngesigameko esimehlele.
Ngokusho kwakhe, le ntokazi ibizihlalele nabangani bayo etafuleni ebeliseduze nalapho obekuhleli khona uZodwa.
“Isoka lakhe belidansa libheke ngakuthina nami sengisukumile ngidansa, nokuyilapho uZodwa esondele khona kuthina, wathi uzenza isilima kodwa usuke ebona yonke into. Besizijabulele ngase ngona ngokudlula eduze kwakhe wase wangishaya ngempama wathi ngingamjwayeli kabi wangithela ngotshwala,” ngokombhalo kaNicky.
Lishone elayizolo abalandeli bakaZodwa behlukene phakathi. Babodwa abamvunayo kanti abanye bamsola ngokuba nodlame ngokushaya owesimame. Kube sobala ukuthi uZodwa uyaziphendulela ngesikhathi efaka kwi-Instagram i-video eveza yena nesoka lakhe bedansa bebambene, bese kubonakala owesifazane oqhamuka ngemuva wampansa izinqa.
Le video ibihambisana nombhalo othi: “Uma singasebenzi sisuke sizikhiphile njengabantu abajwayelekile bese kuba khona abafuna ukusibona ukuthi sinegazi yini”.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uZodwa ukuze aphawule ngoba ucingo lwakhe belungaphendulwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. Udaba belingakabikwa emaphoyiseni.