NGEKE sisaqhutshwa kusasa isihlabani somculo kamaskandi ukuyoshweleza eNkosini yakwaPhindangene njengoba bekuhleliwe kodwa sekuyoba uMsombuluko ozayo. Leli phephandaba selithole ngomthombo othembekile ongashayi eceleni mayelana nalolu daba lukaKhuzani Mpungose okumele ayoxolisa kuDkt Mangosuthu Buthelezi ngehlaya elasabalala ezinkundleni zokuxhumana.
Kuzokhumbulukela ukuthi uKhuzani usenkingeni nje kulandela ukuziqopha ivideo elingisa uNdunankulu kaZulu ngesikhathi ekhuluma nabantwana basendlunkulu.
Yize le video kwakuyinto eyayisiphenduke ihlaya emakhasini ahlukene ezinkundleni zokuxhumana kwenziwa abantu abahlukene kodwa kwazwela sekuqubuka ekaKhuzani. Abalandeli bomculo wesintu abaningi bebekhala ngokuthi uKhuzani bekungafanele akwenze ihlaya lokhu ngoba isintu usazi kangcono. NgoMsombuluko kulindeleke ukuthi uKhuzani aqhutshwe inkosi yaseNkandla uMnuz Zakhe Mpungose kanjalo nezinduna zendawo.
Ethintwa uKhuzani uvumile ukuthi uzoqhutshwa ayozehlisa eNkosini yakwaButhelezi kodwa akuzona izindaba angaphawula ngazo kwabezindaba. "Angikhulumi ngomculo ngakho umthetho awungivumeli ukuthi ngiphawule ngalolu daba kunabantu abadala abalukhulumayo. Lolu daba alusekho ezandleni zami, luphethwe amakhosi," kusho uKhuzani. Leli phephandaba lithole ukuthi iNkosi uButhelezi kukhona indlela ebalulekile ezoyithatha nokwenze kwahlehliswa lo mhlangano.
Ebuzwa mayelana nahlele ukuyoshweleza ngako uKhuzani wale waphetha ukucacisa wangena ezintangeni kwaze kwaba uyavalelisa.