EMUVA kwesikhathi eside kubukeka sengathi izinto ziyasibhedela isihlabani somculi wakuleli sesiphinde sahlatshwa wukugula.
UZahara obese eqala ukubonakala enameka imicimbi eminingi azobonakala kuyo useveze ukuthi udokotela usekhiphe umyalelo wokuthi ahlabe ikhefu lokugula. Lokhu ukumemezele ezinkundleni zokuxhumana nokuyilapho ebazisa khona nabahleli bemicimbi ebebezomdinga kulezi zinsuku.
"Ngithanda ukuxolisa kubalandeli bami nabahleli bemicimbi ngibazise ukuthi ngeke ngikwazi ukuqhubeka nokunandisa ngale mpelasonto. Ukugula kungenhla ngiyalelwe ukuthi ngibe sembhedeni ngithi ukuphumula njengoba ngingemnandi empilwenii," kusho uZahara.
Abantu abaningi okubalwa nosaziwayo bazwelana naye bamfisela nokwelulama.
"Impilo yakho ebaluleke kakhulu , okunye sekuyoza kamuva ululame ngokushesha," kusho uNyameko Stuurman.
"Sinawe kukho konke. uNkulunkulu ngeke akudele noma akulahle," kusho uSechaba Sizwe.