UKUHLALA ehlekisa abantu ezinkundleni zokuxhumana yize kuyinto ayiqala ngenhloso yokwehlisa ingcindezi yengqondo nokhwantalala kubantu ngamahlaya kodwa sekumbeke kwelinye izinga owakuleli.
ULaSizwe Dambuza, owaziwa ngama-video aqeda isizungu akhuluma ngezimo zempilo ezenzeka kuleli, uqokwe ngabeForbes Africa njengelinye lamabhungu avelele angaphansi kweminyaka ewu-30. ULaSizwe uhamba phambili emkhakheni wezokungcebeleka nezindaba.
ULaSizwe uveze ukuthi kuyamjabulisa okwenzekayo uma ebheka emuva lapho eqale khona eziqopha emgwaqweni yasePimville eSoweto, esebenzisa iselula. "Le ndodo ngiyinikela kubazali bami. Ngifisa engabe nginethuba lokubabona ukuthi bebezokwenze njani ngalokhu. Ngiyabonga kwiForbes Africa noSweeries, ongungabalandeli bami, nawo wonke umuntu ngokuhlala ningikhombisa uthando,"kusho uLaSizwe.
Eqhuba uLaSizwe uthe uyafisa ukuba yisibonelo nakwabanye abantu, babone ukuthi akekho ongama endleleni yamaphupho omuntu. Abantu bakuleli balokhu bembongele njalo ezinkundleni zokuxhumana. ULaSizwe uqokwa ngabeForbes nje eminyakeni edlule kuke kwavela ukuthi uqenqeleza yedwa kwiYoutube ngama-video akhe okwenza ahambe phambili kosaziwayo bakuleli. Lokhu kusho ukuthi ngisho osaziwayo abaningi benezibalo eziphezulu emakhasini abo ezokuxhumana kodwa ngokwezinga lama-video afakwa kwiYoutube nabalandeli, uLaSizwe ubahola phambili.