USEPHINDE wehlelwa inhlanhla enkulu umculi waseLimpopo olokhu engenise njalo kwezokungcebeleka kulandela isasasa lezingoma zakhe. UMakhadzi uveze ukuthi usesayine oisivumelwano sika-R120 million sokusebenzisana nenye yezinkampani zemisiko iKokovha ngaphansi kweKicks Sportswear. Le nkampani yemisiko ehlukene izogaba ngezimpahla ezahlukene ezihambisana noMakhadzi nokuyinto emjabulisayo ngoba akazodinga ukuzishintsha ubuyena nendlela athanda ukugqoka ngayo. UMakhadzi uthe ukuhlabana ngale ngqayizivele yethuba kukhombisa ngokusobala ukuthi uNkulunkulu uyamhlelela njengoba elokhu embusise njalo.
" Izibusiso zihambisana nempumelelo yamaphupho uma isikhathi sikaNkulunkulu sesifikile konke kuyazihlela. Kuyintokozo ukunazisa ukuthi ngisayine isivumelwano seKokovha sika R120 million neKicks Sportswear. Kuzosungulwa kuthuthukiswe izimpahla ezizobe zihambisana nami nengikholelwa kukona,"kusho uMakhadzi. Mayelana nokunye okuphathelene nale sivumelwano uthe uzolokhu ebazisa abalandeli ukuthi kwenzekani emasontweni azayo.
Umsunguli weKicks Sportswear uSammy Mhaule uziqinisekisile lezi zindaba ezimnandi wakuveza nokuthi sebesisayinile isivumelwano sokwenza imisiko iKokovha esuselwe kuMakhadzi. " Sekunesikhathi ngizibuza ukuthi kungani singabi nemisiko eyenziwe e-Afrika siyisabalalise umhlaba wonke. Ngaqala ngezimpahla zeKicks namateku avumela umuntu ukuthi azivocavoce ngawo aphinde akwazi ukuthatha nolunye uhambo. Ngangifuna iNingizimu Afrika ibe nemisiko ye-sportswear yokuqala ngqa ehlukile kweminye ekhona emhlabeni. Ngifuna ikwazi ukuncintisana namazwe aphesheya kwezilwandle," kuchaza uSammy. Ube esenameka ne-video ekhombisa uMakhadzi etheleka ehhovisi lakhe ezosayina , naye lo mculi wenze okufanayo emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana.