ABAMUZWELI nakancane abalandeli bakhe unontandakubukwa wakuleli, uMusa Khawula, kulandela izinsolo zokubhonywa omunye wosaziwayo.
UMusa wodumo lwePope Culture unameke isithombe sikaMihlali Ndamase ezinkundleni zokuxhumana emsola ngokumtitinya. UMusa ukhale ngokuthi uMihlali uqhubeka nempilo ngempelasonto enkulu eThekwini kwiHollywoodbets Durban July (HDJ) sengathi akakaze amshaye nakancane.
"Bantu bhekani uMihlali Ndamase kwiDurban July eshaya sengathi akakaze angishaye ehhovisi likaLeeroy Sidambe ngaphambi kwayizolo," kubalisa uMusa.
Abalandeli bakhe balokhu bemhleke njalo beveza ukuthi nokho sebeke bambekezelela osaziwayo njengoba ephila ngokubangcofa.
"Ngasho ngathi sekusele kancane bakushaye," kusho uNqobileM.
"Ngendlela akushaye ngayo awumbizi nangoMary Jane lite namhlanje," kusho uMilgarM.
"Unomlomo kodwa awukwazi nokulwa," kusho uNomali24 enameka namakhanda ahlekayo.
"Kwenzeke kahle, uphaphe kabi wena," kusho uZiphoM.
"Hhayi mngani kodwa sewuphenduke umgilwa wokushaywa," kusho uNjabulo Bubu ephela insini.
"Wathuka unina, ufanelwe okungaphezulu kwalokho," kusho uZukiG.
"Ukushaye kancane mngani," kusho uYanga Mapisa.
Kuzokhumbukela ukuthi phambilini, uMoshe Ndiki, wake wasolwa ngokufanayo nokwenza abantu abaningi bazwelana noMusa. Kulokhu kubukeka itshe ligaya ngomunye umhlathi njengoba bemhleka.
Yize kunjalo kodwa uMusa ubukeka engomunye wonontandakubukwa abanogazi kakhulu kubantu njengoba behlala belangazelele ukuzwa ukuthi uza namuphi umgosi ngosaziwayo. UMihlali kule mpelasonto ube ngomunye wosaziwayo abahambe phambili ngemisiko esezingeni elicokeme nokulandela indikimba yeHDJ i-Out of this world.
Mayelana nezinsolo zokushaya uMusa, akazange uMihlali aphawule agxile ngaphandle kombhalo awunameke kwistory ku-Instagram, eveza ukuthi akekho umuntu ongadelela unina kuthuleke.