INJABULO intandokazi yomculo i-jazz imemezela ukuthi sesiyelulama emuva kwezinyanga kuvele ukuthi uhlaselwe yisifo sohlangothi enandisa kwelinye lamazwe aphesheya kwezilwande.
ULira usememezele emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi useyalulama nesimo sakhe singcono. Phakathi no-Ephreli umndeni kaLira wabhala ezinkundleni zokuxhumana umemezela ukuthi uLira usazohlaba ikhefu emculweni.
Namhlanje uLira ujabulise abaningi eveza ukuthi usehlanganise izinyanga ezintathu ahlaselwa wukugula kodwa namhlanje uyakuveaza kubalandeli ukuthi usengcono. "Sengeluleme kakhulu. Ngiyaziqhenya. Ngibonga noNkulunkulu, imikhuleko yenu. Sengiyakhuluma manje noma ngisadinga isikhathi. Ngiyafunda ngiyabhala. Kuningi kakhulu, ngifikelwa wumunyu, ngenza kahle kangcono. Ngibonga nothando,"kusho uLira.
Umbhalo wakhe ujabulise abalandeli nosaziwayo ebebelokhu bemtuse njalo uNkulunkulu ngokuzibonakalisa kuyena.
Usomabhizinisi owayengu Miss SA, uBasetsana Kumalo ungomunye wabafisele uLira ukululama okusheshayo.
"UNkulunkulu uyazi futhi uyabona, uyinhlamvu yeso lakhe, ungumelaphi wethu," kusho uBasetsana Kumalo.
Umlingisi uConnie Furguson uthe: "UNkulunkulu muhle,"
UHulisani Ravele uthe: "Siyakuthanda Lira.“