UVUKE ngekhono elisha uGogo Skhotheni, owaziwa ngokuba yisangoma sesimanje futhi olandelwa yizinkumbi zabantu ezinkundleni zokuxhumana.
UGogo Skhotheni unameke ividiyo muva nje, emveza eklwebha amapuleti wathi ubeqeqeshwa esikoleni so-DJ, iMapentane Music Academy. Yize okwamanje engakabonakali emicimbini kodwa ukuvezile ukuthi angathanda ukugxila emculweni weHouse. Wathi umcimbi uzoya ngokuthi umqashi wakhe wangaleso sikhathi ufunani.
Zithakaselwe ngabaningi izindaba zokuba nguDJ kukaGogo, abaningi bebabaza ukuthi unamakhono ahlukile kanti okujwayelekile ukuthi isangoma sitholakale lapho kunomsindo kakhulu.
Imvamisa ezinkundleni zokuxhumana izangoma eziningi ziphenduka ihlaya uma zivukwa amadlozi zisezindaweni zobumnandi lapho okuhlala kusolwa umsindo womsakazo.
UGogo Skhotheni kubukeka sengathi ukulungele ukubhekana nomsebenzi wakhe omusha. Mayelana nobungoma ukubeke kwacaca ukuthi akasoze waphuma kubo, uzobe eseyiso isangoma sodumo.
"Angiyena umuntu wobumnandi kodwa ngizoyihamba imicimbi yakho," kusho uNomadlozi N Mbhele.
"Ngiyaziqhenya ngawe," kusho uHunadi Ofentse Mampane.
"Ngiyakuthanda gogo kunanoma yini oyenzayo, qhubeka ntombazane," kusho uSiwaphiwe Sonjica.
Noma abalandeli bakhe abaningi bezijabulele lezi zindaba kodwa kukhona abagxekayo abamsola ngokuba usomathuba ofuna ukwenza zonke izinto.
"Kanti mara ikhona into ongafuni ukuyenza," kubuza uMawinniza Manthodi. Ugogo SKhotheni umphendule kanje: "Ukuthatha indoda yakho qha, leyo angifuni ukuyenza," kugadla uGogo Skhotheni.
Emuva kwalokho akazange esagxila kukhona uGogo Skhotheni kunalokho uveze ukuthi uphokophele phambili kunokulalela abantu abahlala begxeka ezinkundleni zokuxhumana.