UPHUME ngesamagundane umculi kugibela umlandeli kungazelele muntu, ngesikhathi ecula esteji, emcimbini weSASCO, obungeSonto, eKokstad.
UPHUME ngesamagundane umculi ehlaselwa ngumlandeli kungazelele muntu, ngesikhathi ecula esteji, emcimbini weSASCO, obungoMsombuluko, eKokstad.
UKhuzani Mpungose, ongumculi kamaskandi, ukhishwe ngonogada babaleka naye, wayocashiswa emotweni yakhe, ngesikhathi ehlaselwa ngumlandeli. Lesi sigameko sesisabalale nasezinkundleni zokuxhumana.
Umlandeli obebukeka ephuzile, ungene egijima esteji, ephethe ibhodlela elinotshwala eyobamba uKhuzani. Kusize abaqaphi namaphoyisa, afike amxhakathisa ngamawashingi amkhipha esteji.
Ethintwa intatheli yeSolezwe uKhuzani, uthe umlandeli ubengamhlaseli, ubegajwe nje injabulo yokubona umculi amthandayo.
“Umlandeli uphulukundlele kubo onogada, wazongena esteji. Ngaphazamiseka, ngangabe ngisaqhubeka nokucula, ngoba vele ngase ngizoqeda. Kufanele bazi abantu ukuthi, abalandeli bayamthanda uKhuzani, ngeke ngibavimbe ukuthi bengangijabuleli uma bengibona.
Akukho okubi ngokubona kwami obeluhloswe umlandeli, ubegajwe injabulo yokubona mina. Uyabona nawe kwi-video ukuthi ubezongigaxa, ubengangihlaseli. Abantu ke bayohlezi behlaziya ngendlela yabo ngaso sonke isikhathi”, kusho uKhuzani.
Eqhuba, uthe azikho izinyathelo azozithathela umlandeli, ube esenxusa abahleli bemicimbi ukuthi baqinise ezokuphepha ukugwema izigameko ezifuze lezi. Nokuqinisekisa ukuthi abaculi bahlezi bephephile ngaso sonke isikhathi.