UMLINGISI wodumo kuMuvhango ukhala ngekhasi leFacebook elisungulwe ngegama lakhe elibhala izinto ezihlambalazayo.
UPhindile Gwala-Ngunda owaduma kakhulu kuMvhubango edlala indawo kaNonny waphinda wavela nakwiMbewu edlala indawo kaFikile uthi akazi lutho ngekhasi likaFacebook elithuka abantu.
Kuleli khasi kuke kwabhalwa ukuthi umuntu wesifazane ocela ukuphiwa imali yindoda kuyafana nokuthi uyaqwayiza. Kube sekuqubuka umsindo abanye bevumelana nalokhu okubhaliwe kodwa abanye bemphikisa bethi ayikho into enengqondo ehlezi ibhalwa kuleli khasi.
Ebuzwa ngaleli khasi ukhuze umhlola umphathi wakhe uThanduxolo Jindela wathi baningi abantu abasungula amakhasi ezinkundleni zokuxhumana ngegama likaPhindile basebenzise nezithombe zakhe.
“Yize uPhindile engumuntu othanda ukudlala kodwa akanalo ikhasi elinjalo, uPhindile unekhasi elilodwa lika-Instagram,” kusho yena.
Khonamanjalo lo mlingisi usanda kwethula ibhizinisi lakhe elisha elibizwa ngeVirtual Accelerator Programme ahlose ngalo ukuthuthukisa abantu besifazane.
Kulolu hlelo lwakhe abantu besifazane bazobe belulekwa, beqeqeshwa ukuze bakwazi ukuthola amathuba emisebenzi abayifunayo.
UPhindile uthe bazimisele ngokuthuthukisa abantu besifazane nokubanikeza amathuluzi afanele ukuze bazicentele indlela yabo eya empumelelweni.
“Sizimisele ngokuvala igebe phakathi kwabesifazane nabesilisa ezindaweni zomsebenzi. IWomen Accelerator izoletha isisekelo esiqinile sokweseka abantu besifazane ukuze bafike lapho bephokophelele khona,” kusho isitatimende.
Uphinde waveza nokuthi isifiso sabo ukwakha abantu besifazane abanomqondo ofanayo abazokwazi ukulekelelana.