UKUPHUMELA obala akhulume ngokuphinga komuyeni wakhe sekumakhele ugazi kubantu abaningi abalandela uhlelo lomama abayiziqumama kwiShowmax.
Isiphalaphala esinguHappy ‘Her Majesty’ Simelane, singomunye womama abadlala kwiThe Mommy Club okuwuhlelo lwezintokazi ezingosomabhizinisi emikhakheni eyahlukene kodwa abangakhohliwe ukunakekela imindeni.
UHer Majesty uvulele abanye omama ngesimo abhekene naso sokushonelwa umyeni engozini yemoto nokumenza azikhulisele ngayedwa izingane zakhe.
Lezi zintokazi ezivela kulolu hlelo zikhombisa ukuzwelana naye futhi nababukeli emakhaya bamshayela ihlombe ngokungafihli isimo sakhe nokuthi umyeni washona ehamba nentombi.
Esiqeshini sakamuva, ubonane nongoti namadodakazi akhe ngenhloso yokubhodla ngokwenzeka waveza nokuthi noma umyeni wakhe aphinga kodwa akumenzi abe msulwa nowesifazane.
Yize kunjalo, uHer Majesty uveze ukuthi ufisa ukuqhubeka nempilo waze wavakashela nethuna lomyeni wakhe emazisa ukuthi uyikhumulile indandatho yomshado.
Akagcinanga lapho uphinde wazifanisa nesihlabani somculi wapheheya kwezilwandle uBeyonce.
Abantu ezinkundleni zekuxhumana okubalwa amakhahi akhe kanjalo neleShowmax bazwakalisa ukumeseka nokumthanda kakhulu kulolu hlelo.
"UHappy uwuyena, abanye bayazenzisa baphila impilo yamasemaphusheni," kusho uSebelo Motheo.
"Uhamba phambili alandelwe nguNunuberry, abanye bayacika," kusho uBrown Nomalisa.
"Siselapho, singabona uhlobo lomuntu amthandayo ukuze siqhathanise," kusho uMiranda.