OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, ubukise ngesihlabani somculo kamaskandi, uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose emgcagcweni weNkosi yaseMazimeleni, eMthunzini, uThanda KaMpiyenzintombi Mzimela, ngempelasonto.
UNgizwe wenqabe waphetha ukuxhawulana noKhuzani obesukume lapho ekhona ngenhloso yokuxhawula umkhaya wakhe namakhosi. UNgizwe uqale wayalela uKhuzani ukuba aqale axhawule kubaholi abehleli eduze kwabo.
Eziphendulela uNgizwe uthe ubeqondisa uKhuzani ngesikhathi enza iphutha lokuxhawula inkosi ebigcagcelwa kuphela.
“Nginesiqiniseko sokuthi akhona amakhosi abewazi obekufanele nawo awaxhawule.” Uthe okumenze wanqaba ukuxhawulana noKhuzani ukuthi uthe engaqeda ukuxhawula amakhosi ngenhlonipho yokuwaguqela, weza kuye eseme phuhle.
“Uma esefika kimi usenguphondo. Ngathi hhayi kahle, khothama mfana. Nami ngiwuyihlo,” kusho uNgizwe.
Ephawula uKhuzani uthe “Cha uNgizwe ubezincokolela ethi ‘guqa mfana, ngakukhulisa. Ugcine exhawulile futhi ezihlekela.”
UKhuzani uyabonakala kwi-video yeKing Zoso Podcast exhawula emakhosini ngenhlonipho. Umsindo phakathi kwakhe noNgizwe uqubuka uma esefuna ukuxhawula uNgizwe engaqosheme njengoba abenze emakhosini. UNgizwe ushintshe nasebusweni kubonakala ukuthi usegane unwabu.
UKhuzani uthi ulula isandla kodwa uNgizwe asigodle esakhe aze aphebeze ubala. Kuhluleka ngisho uKhuzani eseqoshama kodwa uNgizwe waqhubeka nokwenqaba ukumxhawula.
UKhuzani ugcine emshiya kanjalo uNgizwe ngoba ebona ukuthi amehlo omphakathi asethe njo kubo futhi sekukhona asebethatha izithombe ngamafoni.
Kwenzeka lokhu nje kuyinto eyaziwayo ukuthi uKhuzani noNgizwe bayinkukhu nempaka emuva kokuba ngamathe nolimu eminyakeni eyedlule. Emcimbini owawenziwe wuMasipala waseMhlathuze nyakenye, uKhuzani wabukisa ngoNgizwe njengoba anqaba ukufakwa nguye esteji.
Kwaze kwaphoqeleka ukuba uNgizwe ehle esteji, uKhuzani wafakwa ngumculi we-Afro Pop, uThokozani "Shakes" Ngema. Ukungahoshelani kwabo kuke kwashuba kangangoba baze bahlambalazana ezingomeni nasezinkundleni zokuxhumana futhi babophana.