UVALE ngegiya eliphezulu uzime wamazwe omhlaba odabuka eNingizimu Afrika obeyintandokazi yabanti abaningi kulandela ukuthatha lesi sicoco nyakenye. UZozibini Ntunzi owayenguzime waseNingizimu Afrika ngaphambi kokuthatha isicoco sikaMiss Universe usalokhu ewundaba mlonyeni ngomsiko wakhe angene ngawo esiteji okokugcina njengozime wamazwe omhlaba.
UZozi ubeshaye umsiko Biji La Maison de Couture ogabe ngobuhlalo obumnyama nobumhlophe obuchuchwe baba ingubo ende enhle ethatha isakhiwo somzimba wakhe maqede washuqula kahle ekhanda ngeduku. Ungene esenyathela kancane esiteji kuhle kwezinye zezintokazi ebezibanga lesi sicoco. Yize isicoco sesiwele kwintokazi yaseMexico u-Andrea Meza kodwa abantu balokhu bemtuse njalo uZozibini.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana balokhu bemhalalisele njalo ngokumela kahle intsha nabesifazane bakuleli. Babodwa abamfisela inhlanhla nokukhula kwizinhlelo anazo nabakholwa ukuthi zizosiza intsha ikakhulu izingane zamantombazane.