SEWUPHINDE wavundulula elinye ikhono eBotswana, umdlalo wethelevishini uMuvhango okhonjiswa kwiSABC 2, phakathi nezinsuku. Umdlalo uhlabane ngesiphalaphala sikazime uSeneo Mabengano (26), waseSelebi Phikwe, odalula ukuthi uyinzalo yoMotswana neGreek.
USeneo oqale ngoLwesithathu olwedlule ukubonakala kuMuvhango, ulingisa indawo kaKhumo ongudadewabo kaJames Motsamai, kanti sebeneminyaka badukelana kodwa usezozinza eGoli. Uthathwe ngemva kwenhlolokhono ayenza eGaborone, futhi ngumsebenzi wakhe wokuqala ngqa ukulingisa kuMuvhango.
Indawo ayilingisayo imveza njengomuntu ofuna izinto zenzeke ngendlela yakhe futhi ongenza noma yini ukufeza izimfuno nezinhloso zakhe. UKhumo usanda kushonelwa ngumyeni obeyinjinga okumenza afune ukuthi abantu badansele isigingci sakhe.
USeneo uthi zikhona izinto abathi abafane ngazo noKhumo, njengokuqinisekisa ukuthi wenza izinto zenzeke noma ngabe uhlangabezana naziphi izimo.
"Ukuba nomdlandla wokushintsha isimo esingesihle siguquke sibe ngosihle, kuyimina lokho kodwa angisebenzisi izimo zabanye abantu ezibuhlungu ukuqhwakela phezulu, sehlukile lapho. UKhumo akanandaba nomunye umuntu ngaphandle kwakhe nezinhlelo zakhe," kuchaza uSeneo, ngendawo ayilingisayo.
Ukwenza inhlolokhono yomdlalo kwamletha kuleli ngesikhathi sekuzohlungelwa okokugcina, uthi wahamba eshaya umkhuleko omncane. "Ngabuyela ekhaya nginayo inhlasi yethemba futhi ngikhuleka. Emuva kwenyanga lwangena ucingo, njengoba sengilapha namhlanje," kusho uSeneo.
Echaza ngekhaya uthe unina washona eneminyaka ewu-13, bakhuliswa ngugogo nomkhulu benomfowabo kwathi uma eseshonile, bakhuliswa ngubabekazi. Namhlanje usengunkosikazi futhi ubonga umyeni wakhe ngokudlala indima yokuba ngumzali empilweni yakhe.